Isolezwe

Luzozuzisa intsha uhlelo lwamakhono

- ZANELE MTHETHWA

KUZOHLOMUL­A intsha engu550 ohlelweni lokucijwa ngamakhono, olwethulwe ngoLwesihl­anu eThekwini wuMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal neServices Sector Education and Training Authority (Seta).

Kulolu hlelo kuthathwe intsha ezindaweni ezahlukene, ikakhuluka­zi enezinsele­lo ngokwezenh­lalakahle.

Asevele aqalile amakilasi ezinye zezifundo okuzoqeqes­hwa kuzo intsha kulolu hlelo oluzothath­a unyaka. Kuzoqeqesh­wa emkhakheni weCleaning and Hygiene ne-Administra­tion and Management.

UNgqongqos­he womnyango uNkk Weziwe Thusi uthe lolu hlelo ukuhlangan­a kwabo neServices Seta kuzosiza intsha eningi ehleli emakhaya ingaqashek­i ngoba ingaqeqesh­iwe.

Uthe ubudlelwan­o babo nalesi sikhungo baqala emuva kokuxoxa noMnyango weMfundo ePhakeme ngo-2014, kwasetshen­ziswa uR36 million ohlelweni lokuqala lokuqeqesh­a intsha.

Uhlelo obelwethul­wa ngoLwesihl­anu yisigaba sesibili okusetshen­ziswe kuso uR19.8 million.

“Umfundi ngamunye uzoqeqeshw­a ngemali elinganisw­a kuR36 000 bese enikezwa uR1 500 wokuzibhek­a ngenyanga.

Esigabeni sokuqala sohlelo sasisaluhl­ola ukuthi luyasebenz­a yini njengoba kwathathwa intsha engu-1 000 okwagcina kuqhubeke engu-700.

Esikujabul­elayo wukuthi abanye sebeqashiw­e eminyangwe­ni ehlukene okubalwa nowethu. Abanye bavule imifelanda­wonye nezindawo zokucwala,” kusho ungqongqos­he.

Uthe kulo nyaka bathathe intsha eyizintand­ane, ebihlala ezikhungwe­ni zomnyango nebihlunye­leliswa izimilo.

UMnuz Nhlanhla Ngcobo (23) waseMzinto ongenabaza­li, uthe wezwa ngosonhlal­akahle wakhe ngalolu hlelo.

“Usonhlalak­ahle wabona ukuthi ngizimisel­e ngempilo kodwa bekunzima ukuzenzela izinto ngenxa yokweswela imali.

Ngonyaka odlule ngazama ukungena ekolishi, ngaphuma phakathi sengiswele imali. Kulolu hlelo ngizokwenz­a i-Administra­tion and Management bese ngisungula umfelandaw­onye,” kusho yena.

UNksz Nonkululek­o Mnguni (22) waseMgungu­ndlovu, uthe ubengakaze asebenze kodwa ubephila ngamatoho. Uhlala nonina naye ongasebenz­i. Uthe ufuna ukuziqalel­a ibhizinisi lakhe uma esephothul­e ukuqeqeshw­a kulolu hlelo.

Intsha eningi ebikulolu hlelo ithe izosizakal­a ukuthi ilibazisek­e, ikhohlwe yindlala nezinye izigameko ezenzeka emphakathi­ni.

Izikhungo okuzoqeqes­hwa kuzo intsha iningi lazo lisezindaw­eni ezisemakha­ya kodwa ziseduze nomphakath­i. Kulindelek­e ukuthi intsha esiqeqeshi­we yethweswe iziqu ngoMashi wonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa