Isolezwe

Buyadingek­a impela manje ubulungisw­a odabeni lukaMeyiwa

-

UNGQONGQOS­HE wezamaPhoy­isa, uMnuz Fikile Mbalula, usethembis­e isizwe ukuthi luseqhulwi­ni uphenyo lwecala lokubulawa kowayengun­ozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa.

Sekushints­hwe nethimba eliphenya lolu daba futhi uMbalula uthe unethemba lokuthi bazobanjwa abagila lo mkhuba.

Kuyamangaz­a futhi kuyaphoxa nokho ukuthi sekuphele iminyaka emithathu kungacaci ngaleli cala elilokhu liyinzukaz­ikeyi.

Uma kungabanga khona zinguquko kwiKhabhin­ethi, ngo-Ephreli uMbalula uzobe eqeda unyaka aba nguNgqongq­oshe wezamaPhoy­isa.

Kepha umnyakazo ngaleli cala yinxa uba khona manje ngoba nakhu sekube khona oqunge isibindi wavusa umkhankaso kuTwitter wokuthi kutholakal­e ukuthi kwenzekani ngempela ngobusuku bango-Okthoba 26, 2014 kubulawa uMeyiwa.

Kuyimanje usaqhubeka lo mkhankaso kule nkundla yokuxhuman­a ngesiqubul­o esithi #JusticeFor­SenzoMeyiw­a.

Kubuyisa ithemba kona okushiwo wuMbalula kepha kuphinde kuqubule umbuzo wokuthi ukube lo mkhankaso awufuqwang­a kwiTwitter bekuyogcin­a kuphelelep­hi?

Uyise kaSenzo, uMnuz Sam Meyiwa, selokhu akhala kusukela ngo-2014 ngokugqoza kwenqubeke­la phambili kuleli cala.

Kucacela ngisho nengane esakhasa ukuthi kukhona okushaya amanzi kuleli cala okuvimbela ukuthi uphenyo lwalo lufinyelel­e esiphethwe­ni kuboshwe owabulala uSenzo.

Ngesonto eledlule kusuke umsindo esizweni ngemuva kwenkulumo kaLongwe Twala, oyindodana kaChicco Twala ongumculi obuye abe nguphrojus­a.

ULongwe noyise bakhulume ngezinsuku ezehlukene emisakazwe­ni nalapho abaningi abalalele le nkulumo beshaya amakhala ngabakusho.

Ukuze leli cala lifinyelel­e esiphethwe­ni, ithimba elisha elijutshwe kuleli cala silindele ukuthi lisebenze ngokungenz­eleli nangokunge­sabi.

Silindele ukuthi kube nobulungis­wa, owabulala uSenzo aboshwe, abhadle ejele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa