Qaphela ubuzisise uma umshwalense une-cash back
EZABATHENGI
KULOKHU sizokhuluma ngenkinga ye-cash back, okubukeka sengathi abathengi kabachazelwa kahle ngayo uma bethatha imishwalense ene-cash back noma mhlawumbe kufanele bacele ukuthi kukhulunywe nabo ngolimi abaluqonda kangcono.
Ngithintwe nguMnuz Joel Makhanya obekhala ngokuthi ngesikhathi ejoyina umshwalense wakwaClientele wayethenjiswe ukuthi uzobuyelwa yimali elinganiselwa kuR100 000 ayengathenga ngayo umuzi noma imoto.
Ukhale ngokuthi wathatha umshwalense obizwa ngeHospital Plan ngoJanuwari ka-2013, waphinde wathatha iLegal Plan ngawo uJanuwari ka-2013 wabe esejoyina umasingcwabisane iClientele Funeral Dignity Plan ngo-Agasti ka-2015.
UMakhanya utshele Ezabathengi ukuthi ngesikhathi edayiselwa iHospital Plan umuntu owayemdayisela wamtshela ukuthi uzobuyelwa yimali angathenga ngayo imoto noma umuzi uma sekuphela iminyaka emihlanu.
Uthe uxakekile esetshelwa ukuthi ngeke akwazi ukuthola uR100 000 ngonyaka odlule kodwa uzokhokhelwa uR900.
Ezabathengi zibuze ukuthi wayethenjisweni uMakhanya ngesikhathi ethatha umshwalense.
Uyiphendule kanje imibuzo uNkk Yurika Pistorius oyiGroup Compliance Officer kwaClientele. Ngabe wayethenjisweni uMakhanya ngesikhathi ethatha imishwalense yakwaClientele?
Uphenyo lwethu luveza ukuthi wayethenjiswe iCash Back kumshwalense weHospital Plan ayewuthathe ngo-2013. Wayezonikezwa amapremimus awakhokhe izinyanga eziyisithupha okunguR900 awuthole ngoJanuwari 18, kulo nyaka. Silalele inkulumo yakhe nowayemdayisela umshwalense sathola ukuthi wachazelwa ukuthi iHospital Plan ayiyona i-medical aid futhi uma elele esibhedlela wafaka nesicelo sokukhokhelwa imali, izophuma ngosuku lwesithathu esesibhedlela. Kwathiwa angenza noma yini ngaleyo mali ayikhokhokhelwe ukulala esibhedlela mhlawumbe angathenga imoto, akhokhele izindleko zasesibhedlela noma aqale ibhizinisi. Waphinde wachazelwa ukuthi umshwalense weHospital Plan uqala ukusebenza emuva kwamahora angu-48 umuntu elaliswe esibhedlela. Uyakhokhelwa noma ungene emuva kokuba sengozini noma ugulile emuva kwezinyanga ezingu-12.
Uthe waphinde watshelwa ukuthi uma esekhokhe izinyanga ezingu-60 uzobuyiselwa imali yezinyanga eziyisithupha zomshwalense wakhe weHospital Plan, uma engakaze acele inkokhelo uzophinde anikwe u-20% ngaphezulu njalo emuva kweminyaka emihlanu. Waphinde wanikezwa nokubizwa nge-daily benefit amount ayezoyikhokhela usuku nosuku uma elale esibhedlela engadluli kuR100 000. Le mali ibizokhokhwa uma eselale esibhedlela. UMakhanya akaze athenjiswe uR100 000.
Kufanele athathe ziphi izinyathelo uma enganeliseki ngempendulo ayitholayo? -Kufanele alalele inkulumo eqoshiwe aba nayo nomsebenzi wethu ngesikhathi edayiselwa umshwalense. Le nkulumo uyakwazi ukuyithola uma eyicela. Uma kuwukuthi akanelisekile unelungelo lokudlulisela udaba lwakhe kumxazululi wezinkinga ongaphansi kwaClientele noma aludlulisele kumxazululi wezinkinga zomshwalense wesikhathi eside, u-Ombud For Long Lerm Insurance.
Ungathini kwamanye amakhasimende akwaClientele acabanga ukuthi imali ye-cash back yizizumbulu futhi ngabe ukhokhelwa malini emuva kweminyaka emihlanu umuntu enomasingcwabisane?
E-Clietele sizimisele ukulandela yonke imigomo nemibandela yemishwalense yethu. Kufanele abantu bayifunde imigomo nemibandela yomshwalense futhi bayigcine. Singakuqinisekisa ukuthi uMakhanya wathunyelelwa imininingwane yonke ngoDisemba 5 ka-2012.
Echazelwa uMakhanya ngokushiwo ngabakwaClientele uthe udaba lwakhe uzoludlulisela ku-Ombud For Long Term Insurance ngoba wayethenjiswe uR100 000 ngesikhathi ejoyina iClientele.
U-Ombud For Long Term Insurance utholakala ku-www.ombud.co.za noma ushayele u-021 657 5000/ 021 674 0951.
Uyakwazi ukukhuluma nabo ngesiZulu, isiXhosa, isiSotho, isiBhunu nesiNgisi.
Abathengi bayakhunjuzwa ukuthi banelungelo lokucela abadayisa imikhiqizo ethile ukuthi bakhulume nabo ngolimi lwebele noma abaluqonda kangcono. Banalo nelungelo lokucela inkulumo eqoshiwe yalokho abasuke bekudayiselwe ngaphambi kokuzibophezela enkontilekeni ethile.