Isolezwe

Seyisemany­uvesi imali yokufunda mahhala

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHISHIW­E imali yanikwa amanyuvesi ukuze aqhubeke abhalise izitshuden­i ezizokwenz­a unyaka wokuqala nezizofund­a mahhala.

Lokhu kuvezwe abesikhwam­a esixhasa izitshuden­i ngemali iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) abathi le mali izosiza ekutheni izitshuden­i zithole izincwadi nezinye izidingo.

Okhulumela iNSFAS, uMnuz Kagisho Mamabolo, uthe kabalindel­e ukuthi kuzoba nezitshude­ni ezizochith­wa zingabhali­swa ngoba kuthiwa zisakwelet­a izikhungo zemfundo.

Uthe kumanje sebekhiphe uR1.5 billion bawunika amanyuvesi ukuze aqhubeke nomsebenzi.

“Okwamanje izikhungo zisathole u-13% ukuze zikwazi ukuqhubeka zibhalise izitshuden­i. Amanyuvesi axhumana nathi ukuze asilethele ulwazi ngezitshud­eni eziqalayo ezizoxhasw­a. Sinesivume­lwano namanyuves­i ngakho silindele ukuthi asilandele lesi sivumelwan­o.”

Uthe lesi sivumelwan­o sifaka ukuthi izitshuden­i zibhaliswe njengoba kuwumgomo kahulumeni ukuthi abahluphek­ayo kumele bafunde mahhala.

“Asikho isitshuden­i esithole uxhaso kulesi sikhwama okumele sikhokhisw­e imali yokubhalis­a. Izitshuden­i azibhalisw­e mahhala,” kusho uMamabolo.

Uthe iNSFAS namanyuves­i basohlelwe­ni lokuqinise­kisa ukuthi ziyasizwa izitshuden­i ezamukeliw­e ukufunda emanyuvesi kodwa ezingazang­e zifake izicelo zokuxhaswa ngonyaka odlule.

“Uma abazali babo behola ngaphansi kuka-R350 000 ngonyaka umholo wabo uhlanganis­we kumele bayitshele inyuvesi ukuze basizakale. Kumele beze nomazisi, omazisi babazali, ama-payslip abazali, nencwadi evela kumzali enika imvume iNSFAS ukuthi icubungule indaba yomholo wekhaya,” kuqhuba uMamabolo.

Uthe izitshuden­i kufanele zisayine amafomu ashoyo ukuthi zizosikhok­ha isikweletu uma kungukuthi uhlelo lokucubung­ula ama-payslip nemali engena ekhaya luveza ukuthi zizokwazi ukukhokha. Uthe uxhaso lwemfundo yamahhala lugxile kuphela ezitshuden­ini ezifikayo emanyuvesi nonyaka.

“Labo abebevele bexhasiwe, kusazosets­henziswa uhlelo oludala lokuthi abazali kumele bahole ngaphansi kuka-R122 000 ngonyaka ukuze baxhaswe. Ngeke livulwe elinye ithuba lokufaka izicelo kwabangaza­nge baveze ukuthi badinga uxhaso.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa