Bakhathazekile ngoduke eyohola impesheni
KUDUMA amakhanda emndenini kaMnuz Walter Mkhonokazi Madela (79) oduke eyohola impesheni ngoJanuwari 25. Indodakazi kaMadela, uNksz Nomusa Madela, iveze ukuthi uyise wasuka ekhaya eyohola eBridge City ngaKwaMashu, baxakeka uma kushona ilanga engabuyi.
“Ubaba ngumuntu ojwayele ukuzihambela yedwa uma eyohola kanti ngoJanuwari 25 wagibela itekisi eya eThekwini wathi uzosibona uma ebuya. Uhola eBridge City bese ebuya ekhaya eNtuzuma kodwa akakaze abuye kuze kube manje,” kusho uNksz Madela. Uthe esebona ukuthi uyise akabuyi wafaka isithombe sakhe kuWhatsApp wacela abantu ukuthi bamfunise yena.
“Sengifake isithombe kuWhatsApp enye intombazane yathi ibigibele nobaba kodwa umshayeli wetekisi yaseNtuzuma wanqaba ukumehlisa eBridge City ngoba itekisi yayiya eThekwini, wamshiya kwaBester. Asazi noma wavukwa yisifo sokuwa esekwaBester ngoba ungumuntu ophila naso. Kuduma amakhanda, asazi kufanele simfune kuphi manje,” kusho uNksz Madela.
“Angisazi ukuthi kufanele ngiyomfuna kuphi ngoba ngiwahambe wonke amakhaza nezibhedlela zaseThekwini angimtholi. Ngibathintile nasekhaya eNkandla ukuzwa ukuthi akayanga yini khona kodwa ngathola ukuthi akekho. Siyacela noma wubani ombonayo asithinte,” kusho uNksz Madela.
ULt Colonel Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe abanalo icala elinjalo kumakhompyutha abo yize Isolezwe linekhophi yepheshana uNksz Madela anikwe lona emuva kokuvula icala emaphoyiseni aseNtuzuma.
Akucaci noma icala lakhe libhalwe kwi-occurence book lapho kuye kubhalwe khona izigameko ezithile.