Isolezwe

Bakhathaze­kile ngoduke eyohola impesheni

- BONISWA MOHALE

KUDUMA amakhanda emndenini kaMnuz Walter Mkhonokazi Madela (79) oduke eyohola impesheni ngoJanuwar­i 25. Indodakazi kaMadela, uNksz Nomusa Madela, iveze ukuthi uyise wasuka ekhaya eyohola eBridge City ngaKwaMash­u, baxakeka uma kushona ilanga engabuyi.

“Ubaba ngumuntu ojwayele ukuzihambe­la yedwa uma eyohola kanti ngoJanuwar­i 25 wagibela itekisi eya eThekwini wathi uzosibona uma ebuya. Uhola eBridge City bese ebuya ekhaya eNtuzuma kodwa akakaze abuye kuze kube manje,” kusho uNksz Madela. Uthe esebona ukuthi uyise akabuyi wafaka isithombe sakhe kuWhatsApp wacela abantu ukuthi bamfunise yena.

“Sengifake isithombe kuWhatsApp enye intombazan­e yathi ibigibele nobaba kodwa umshayeli wetekisi yaseNtuzum­a wanqaba ukumehlisa eBridge City ngoba itekisi yayiya eThekwini, wamshiya kwaBester. Asazi noma wavukwa yisifo sokuwa esekwaBest­er ngoba ungumuntu ophila naso. Kuduma amakhanda, asazi kufanele simfune kuphi manje,” kusho uNksz Madela.

“Angisazi ukuthi kufanele ngiyomfuna kuphi ngoba ngiwahambe wonke amakhaza nezibhedle­la zaseThekwi­ni angimtholi. Ngibathint­ile nasekhaya eNkandla ukuzwa ukuthi akayanga yini khona kodwa ngathola ukuthi akekho. Siyacela noma wubani ombonayo asithinte,” kusho uNksz Madela.

ULt Colonel Thulani Zwane wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uthe abanalo icala elinjalo kumakhompy­utha abo yize Isolezwe linekhophi yepheshana uNksz Madela anikwe lona emuva kokuvula icala emaphoyise­ni aseNtuzuma.

Akucaci noma icala lakhe libhalwe kwi-occurence book lapho kuye kubhalwe khona izigameko ezithile.

 ??  ?? UMNUZ Walter Mkhonokazi Madela
UMNUZ Walter Mkhonokazi Madela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa