Luzozuzisa intsha uhlelo lwamakhono
KUZOHLOMULA intsha engu550 ohlelweni lokucijwa ngamakhono, olwethulwe ngoLwesihlanu eThekwini wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal neServices Sector Education and Training Authority (Seta).
Kulolu hlelo kuthathwe intsha ezindaweni ezahlukene, ikakhulukazi enezinselelo ngokwezenhlalakahle.
Asevele aqalile amakilasi ezinye zezifundo okuzoqeqeshwa kuzo intsha kulolu hlelo oluzothatha unyaka. Kuzoqeqeshwa emkhakheni weCleaning and Hygiene ne-Administration and Management.
UNgqongqoshe womnyango uNkk Weziwe Thusi uthe lolu hlelo ukuhlangana kwabo neServices Seta kuzosiza intsha eningi ehleli emakhaya ingaqasheki ngoba ingaqeqeshiwe.
Uthe ubudlelwano babo nalesi sikhungo baqala emuva kokuxoxa noMnyango weMfundo ePhakeme ngo-2014, kwasetshenziswa uR36 million ohlelweni lokuqala lokuqeqesha intsha.
Uhlelo obelwethulwa ngoLwesihlanu yisigaba sesibili okusetshenziswe kuso uR19.8 million.
“Umfundi ngamunye uzoqeqeshwa ngemali elinganiswa kuR36 000 bese enikezwa uR1 500 wokuzibheka ngenyanga.
Esigabeni sokuqala sohlelo sasisaluhlola ukuthi luyasebenza yini njengoba kwathathwa intsha engu-1 000 okwagcina kuqhubeke engu-700.
Esikujabulelayo wukuthi abanye sebeqashiwe eminyangweni ehlukene okubalwa nowethu. Abanye bavule imifelandawonye nezindawo zokucwala,” kusho ungqongqoshe.
Uthe kulo nyaka bathathe intsha eyizintandane, ebihlala ezikhungweni zomnyango nebihlunyeleliswa izimilo.
UMnuz Nhlanhla Ngcobo (23) waseMzinto ongenabazali, uthe wezwa ngosonhlalakahle wakhe ngalolu hlelo.
“Usonhlalakahle wabona ukuthi ngizimisele ngempilo kodwa bekunzima ukuzenzela izinto ngenxa yokweswela imali.
Ngonyaka odlule ngazama ukungena ekolishi, ngaphuma phakathi sengiswele imali. Kulolu hlelo ngizokwenza i-Administration and Management bese ngisungula umfelandawonye,” kusho yena.
UNksz Nonkululeko Mnguni (22) waseMgungundlovu, uthe ubengakaze asebenze kodwa ubephila ngamatoho. Uhlala nonina naye ongasebenzi. Uthe ufuna ukuziqalela ibhizinisi lakhe uma esephothule ukuqeqeshwa kulolu hlelo.
Intsha eningi ebikulolu hlelo ithe izosizakala ukuthi ilibaziseke, ikhohlwe yindlala nezinye izigameko ezenzeka emphakathini.
Izikhungo okuzoqeqeshwa kuzo intsha iningi lazo lisezindaweni ezisemakhaya kodwa ziseduze nomphakathi. Kulindeleke ukuthi intsha esiqeqeshiwe yethweswe iziqu ngoMashi wonyaka ozayo.