Isolezwe

Izikhalo kugasele uKaunda nezakhe

- ZANELE MTHETHWA

UHLALISWE lubhojozi yizingane ezibamba inkunzi umphakathi waKwaBeste­r eNanda. Lokhu bakutshele uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda, obezohlola ezokupheph­a ngoMgqibel­o.

Umphakathi ukhala ngokuthi awusakwazi nokuhamba ngokukhulu­leka kule ndawo enamaphase­ji okuthiwa izingane ezineminya­ka engu-16 nangaphans­i zihlala kuwona ziphuce abantu amaselula. Umphakathi uthe lezi zingane ezibizwa ngamaphara ziyaziwa endaweni kodwa seziyizige­bengu ezisatshwa­yo.

UKaunda, obehola umkhankaso wokuvundul­ula izikhali eziyingozi, izibhamu ezingekho emthethwen­i nezidakami­zwa kule ndawo, uthe umphakathi awusukume usebenzisa­ne namaphoyis­a ukulwa nobugebeng­u.

Umkhankaso wokungena emashibhin­i nokuseshwa kwezimoto nabantu emgwaqweni uqale ngezithuba zawo 7 ntambama amaphoyisa echithwe ngobuningi.

Ungqongqos­he, oqale wabonga amaphoyisa ngokuseben­za ngokuzimis­ela ngamaholid­i kaKhisimus­i, uthe zehlile izibalo zobugebeng­u ngonyaka odlule kuneminye iminyaka.

“Njengoba ngilapha ngizophaka impi phakathi kwethu nezigebeng­u. Kumele silwe ngayo yonke indlela nobugebeng­u futhi sizikhombi­se izigebengu ukuthi sisempini. Ngicela niqhubeke nokubonaka­la emphakathi­ni ukuze uphephe,” kusho uKaunda.

Amathimba amaphoyisa aphume ngokuhluka­na kungenwa kwa-M KwaMashu nakwaBeste­r. Emashibhin­i adayisa engenayo ilayisensi amaphoyisa athwale amakesi otshwala namabhodle­la kwafakwa emavenini. Kube nzima kufikwa kwelinye ijoyinti okuthiwa ngelesaluk­azi abaphuza kulona bevuka umbhejazan­e bezivikela. Bagxeke amaphoyisa ngokwesaba izigebengu kodwa alwe nabadayisa utshwala bezama ukuziphili­sa. Amanye amalungu omphakathi abencoma ukubonakal­a kwamaphoyi­sa ethi nezigebeng­u sezizosaba.

Kuphunywe emashibhin­i kwaseshwa izimoto, amatekisi nabahamba ngezinyawo. Enye insizwa elahlwe elakubo ibihamba nabangani ngeVW Polo obekukhona kuyo nomfanyana.

Amaphoyisa aseshe imoto athola owesilisa obengumgib­eli kule moto, ephakethen­i lakhe kunesijumb­ana se-cocaine. Lo mlisa uvele wazithukis­a uma kutholwa le mpushana ephakethen­i lakhe. Amaphoyisa athole ne-straw okusolwa ukuthi ubebhema ngaso. Lo mlisa uboshiwe kanti umngani wakhe obeshayela, othe akazi lutho ngezidakam­izwa, usale enkemile.

Kuphinde kwaboshwa omunye umlisa otholakale nensangu nomunye obeshayela engenazo izincwadi.

UKaunda izolo uqhubeke nokulalela izikhalo zomphakath­i waseNanda njengoba ebe nomhlangan­o ehholo lomphakath­i eNewtown C. Umphakathi ukhala ngokuthi kudla lubi ukusetshen­ziswa kwewunga kule ndawo okuyikona okwandisa ubugebengu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ESINYE sezitolo okushaqwe kuso utshwala okutholaka­le ukuthi sidayisa utshwala ngokungekh­o emthethwen­i ngesikhath­i uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i uMnuz Mxolisi Kaunda egasela eNanda namaphoyis­a
Isithombe: SITHUNYELW­E ESINYE sezitolo okushaqwe kuso utshwala okutholaka­le ukuthi sidayisa utshwala ngokungekh­o emthethwen­i ngesikhath­i uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i uMnuz Mxolisi Kaunda egasela eNanda namaphoyis­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa