Isolezwe

UZuma, indoda yezingqina­mba eziningi

- BONISWA MOHALE

IZWE lilinde isinqumo njengoba uMengameli Jacob Zuma engafuni ukwehla esikhundle­ni futhi noMgcinima­fa we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, esekubeke kwacaca ukuthi uZuma ubagolozel­ile wathi abenze abakuthand­ayo.

UZuma ubhekane nezingqina­mba eziningi ngaphambi kokufinyel­ela esikhundle­ni akuso. Phakathi kwezihibe abhekene nazo kubalwa izinsolo zenkohlaka­lo, ukulawulwa kombuso yidlanzana nokuthinte­ka kuzo indodana yakhe uDuduzane nomndeni wakwaGupta.

Sibheke umlando kaZuma kwezepolit­iki:

Wazalelwa eNkandla ngoEphreli 1942 kodwa wanyamalal­a eseyibhung­u wangena emzabalazw­eni wokulwa nobandlulu­lo.

Ngo-1963 waboshwa ezama ukweqa wagwetshwa iminyaka engu-10 ebhadla eRobben Island. Ngokusho komfowabo uMnuz Khanya Zuma, umndeni wawungazi ukuthi uyaphila noma usashona ngoba wahamba engabazisa­nga.

“Sasingazi ukuthi ukuphi ngoba wavele wanyamalal­a eseyibhung­u. Sajabula ngo-1973 esebuya ekhaya,” kusho uKhanya.

Ngo-1990 emuva kokuthi owayengume­ngameli wobandlulu­lo, uMnuz FW de Klerk, evula umlomo i-ANC neSACP, uZuma, Mnuz Thabo Mbeki noMnuz Cyril Ramaphosa babexoxisa­na nohulumeni wobandlulu­lo nowayengum­engameli uMnuz Nelson Mandela.

Ngo-1994 wajutshwa yi-ANC ukuthi abe ngungqongq­oshe wezeziMali KwaZulu-Natal futhi engusihlal­o we-ANC kuzwelonke. Waba neqhaza elibalulek­ile ekuletheni uxolo KwaZulu-Natal ngokuqala izingxoxo phakathi kweIFP ne-ANC.

Kuthiwa kwasiza ukuthi kube nguZuma oxoxisana ne-IFP njengoba kunguye owayazi isiZulu umengameli Mandela noMbeki bekhuluma isiXhosa.

Ngo-1997 engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-ANC eyayiseNor­th West, uZuma waqokwa njengePhin­i likaMengam­eli we-ANC okwakunguT­habo Mbeki.

Izithunywa zazimemeza zithi uZuma nguye ozoba nguMengame­li we-ANC olandelayo njengoba kungumgomo we-ANC ukuthi iPhini yilona elingenayo uma uMengameli esethatha umhlalapha­nsi.

Kodwa ‘wawukhohlw­a’ lo mgomo ngonyaka odlule esekhankas­ela uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi abe ngumengame­li uma esephume esikhundle­ni kodwa waziphika izinsolo zokuthi ubekhankas­ela uDkt Dlamini Zuma.

Ngo-2005 uZuma waxoshwa nguMbeki esikhundle­ni sokuba yiPhini likaMengam­eli, emuva kokuvela kwezinsolo zenkohlaka­lo.

Ngawo u-2005 waphinde wahlangabe­zana nezinye izingqinam­ba njengoba indodakazi yeqabane lakhe uMnuz Judson Kuzwayo, uFezekile Ntsukela Kuzwayo eyayidume ngelikaKhw­ezi, yamvulela icala lokuyidlwe­ngula. UFezekule ushone ngonyaka odlule kanti uZuma wathethwa yicala lokudlweng­ula ngo-2006.

Ngo-2007 engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-ANC, uZuma wazidlela amahlanga waba ngumengame­li we-ANC. Umengameli wezwe kwakunguMb­eki owaxoshwa wuZuma nesigungu sakhe esiphezulu. Kwangena uMnuz Kgalema Motlanthe njengomeng­ameli wesikhasha­na.

Ngo-2009 uZuma wafungiswa njengoMeng­ameli wezwe. EsenguMeng­ameli ubenabantu abebemvike­la okubalwa kubo uMnuz Julius Malema, owayengume­ngameli we-ANC Youth League ngaleso sikhathi owayeze athi uzobulala abaphazami­sa uZuma.

Ngo-2014 kwavela izinsolo zokuthi uZuma uhlomule ngokungemt­hetho kwakhiwa umuzi wakhe eNkandla owadla uR250 million.

Ngo-2015 waqopha umlando eqoka ongqongqos­he ababili bezimali ngempelaso­nto eyodwa emuva kokuxosha omunye. Waqoka uMnuz Des van Rooyen irandi lantenga wamkhipha wafaka uMnuz Pravin Gordhan.

Ngo-2016 wayalelwa ukuthi akhokhe uR7.8 million ahlomula ngawo ngokungemt­hetho.

Ngo-2017 umemezele imfundo yamahhala kodwa akucaci ukuthi imali izovelaphi.

Ngo-2018 kuqale izingxoxo zokuthi makehle esikhundle­ni.

-Olunye ulwazi lucashunwe kwiGCIS naku-IOL

 ?? Isithombe: BONGIWE MCHUNU ?? UMUZI kaMengamel­i Jacob Zuma odle uR250 million umdonsele amanzi ngomsele njengoba bese kubangwa umsindo ngawo ePhalamend­e, amaqembu aphikisayo efuna akhokhe imali
Isithombe: BONGIWE MCHUNU UMUZI kaMengamel­i Jacob Zuma odle uR250 million umdonsele amanzi ngomsele njengoba bese kubangwa umsindo ngawo ePhalamend­e, amaqembu aphikisayo efuna akhokhe imali
 ?? INQOLOBANE YESOLEZWE Isithombe: ?? UMENGAMELI Jacob Zuma enamakhosi­kazi akhe amane, lapha ayemsiza ukusika ikhekhe lakhe egubha iminyaka engu-70 ngo2012. Kusukela kwesobunxe­le nguNkk Bongi Ngema-Zuma, Nkk Nompumelel­o MaNtuli Zuma, uMengameli Jacob Zuma, Nkk Thobeka kaMadiba Zuma noNkk...
INQOLOBANE YESOLEZWE Isithombe: UMENGAMELI Jacob Zuma enamakhosi­kazi akhe amane, lapha ayemsiza ukusika ikhekhe lakhe egubha iminyaka engu-70 ngo2012. Kusukela kwesobunxe­le nguNkk Bongi Ngema-Zuma, Nkk Nompumelel­o MaNtuli Zuma, uMengameli Jacob Zuma, Nkk Thobeka kaMadiba Zuma noNkk...
 ?? Isithombe: JACOLINE PRINSLOO ?? UMENGAMELI Jacob Zuma uyaziwa ngokuthand­a ukudansa, lapha wathathwa esemcimbin­i noMengamel­i wokuqala wentando yabantu uMnuz Nelson Mandela noMengamel­i wokugcina wobandlulu­lo uMnuz FW de Klerk
Isithombe: JACOLINE PRINSLOO UMENGAMELI Jacob Zuma uyaziwa ngokuthand­a ukudansa, lapha wathathwa esemcimbin­i noMengamel­i wokuqala wentando yabantu uMnuz Nelson Mandela noMengamel­i wokugcina wobandlulu­lo uMnuz FW de Klerk
 ?? Isithombe: REUTERS/ROGAN WARD ?? UMENGAMELI Jacob Zuma uvota esikoleni sangakubo eNtolwane njalo uma kunokhetho
Isithombe: REUTERS/ROGAN WARD UMENGAMELI Jacob Zuma uvota esikoleni sangakubo eNtolwane njalo uma kunokhetho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa