UZuma, indoda yezingqinamba eziningi
IZWE lilinde isinqumo njengoba uMengameli Jacob Zuma engafuni ukwehla esikhundleni futhi noMgcinimafa we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, esekubeke kwacaca ukuthi uZuma ubagolozelile wathi abenze abakuthandayo.
UZuma ubhekane nezingqinamba eziningi ngaphambi kokufinyelela esikhundleni akuso. Phakathi kwezihibe abhekene nazo kubalwa izinsolo zenkohlakalo, ukulawulwa kombuso yidlanzana nokuthinteka kuzo indodana yakhe uDuduzane nomndeni wakwaGupta.
Sibheke umlando kaZuma kwezepolitiki:
Wazalelwa eNkandla ngoEphreli 1942 kodwa wanyamalala eseyibhungu wangena emzabalazweni wokulwa nobandlululo.
Ngo-1963 waboshwa ezama ukweqa wagwetshwa iminyaka engu-10 ebhadla eRobben Island. Ngokusho komfowabo uMnuz Khanya Zuma, umndeni wawungazi ukuthi uyaphila noma usashona ngoba wahamba engabazisanga.
“Sasingazi ukuthi ukuphi ngoba wavele wanyamalala eseyibhungu. Sajabula ngo-1973 esebuya ekhaya,” kusho uKhanya.
Ngo-1990 emuva kokuthi owayengumengameli wobandlululo, uMnuz FW de Klerk, evula umlomo i-ANC neSACP, uZuma, Mnuz Thabo Mbeki noMnuz Cyril Ramaphosa babexoxisana nohulumeni wobandlululo nowayengumengameli uMnuz Nelson Mandela.
Ngo-1994 wajutshwa yi-ANC ukuthi abe ngungqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal futhi engusihlalo we-ANC kuzwelonke. Waba neqhaza elibalulekile ekuletheni uxolo KwaZulu-Natal ngokuqala izingxoxo phakathi kweIFP ne-ANC.
Kuthiwa kwasiza ukuthi kube nguZuma oxoxisana ne-IFP njengoba kunguye owayazi isiZulu umengameli Mandela noMbeki bekhuluma isiXhosa.
Ngo-1997 engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC eyayiseNorth West, uZuma waqokwa njengePhini likaMengameli we-ANC okwakunguThabo Mbeki.
Izithunywa zazimemeza zithi uZuma nguye ozoba nguMengameli we-ANC olandelayo njengoba kungumgomo we-ANC ukuthi iPhini yilona elingenayo uma uMengameli esethatha umhlalaphansi.
Kodwa ‘wawukhohlwa’ lo mgomo ngonyaka odlule esekhankasela uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi abe ngumengameli uma esephume esikhundleni kodwa waziphika izinsolo zokuthi ubekhankasela uDkt Dlamini Zuma.
Ngo-2005 uZuma waxoshwa nguMbeki esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli, emuva kokuvela kwezinsolo zenkohlakalo.
Ngawo u-2005 waphinde wahlangabezana nezinye izingqinamba njengoba indodakazi yeqabane lakhe uMnuz Judson Kuzwayo, uFezekile Ntsukela Kuzwayo eyayidume ngelikaKhwezi, yamvulela icala lokuyidlwengula. UFezekule ushone ngonyaka odlule kanti uZuma wathethwa yicala lokudlwengula ngo-2006.
Ngo-2007 engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC, uZuma wazidlela amahlanga waba ngumengameli we-ANC. Umengameli wezwe kwakunguMbeki owaxoshwa wuZuma nesigungu sakhe esiphezulu. Kwangena uMnuz Kgalema Motlanthe njengomengameli wesikhashana.
Ngo-2009 uZuma wafungiswa njengoMengameli wezwe. EsenguMengameli ubenabantu abebemvikela okubalwa kubo uMnuz Julius Malema, owayengumengameli we-ANC Youth League ngaleso sikhathi owayeze athi uzobulala abaphazamisa uZuma.
Ngo-2014 kwavela izinsolo zokuthi uZuma uhlomule ngokungemthetho kwakhiwa umuzi wakhe eNkandla owadla uR250 million.
Ngo-2015 waqopha umlando eqoka ongqongqoshe ababili bezimali ngempelasonto eyodwa emuva kokuxosha omunye. Waqoka uMnuz Des van Rooyen irandi lantenga wamkhipha wafaka uMnuz Pravin Gordhan.
Ngo-2016 wayalelwa ukuthi akhokhe uR7.8 million ahlomula ngawo ngokungemthetho.
Ngo-2017 umemezele imfundo yamahhala kodwa akucaci ukuthi imali izovelaphi.
Ngo-2018 kuqale izingxoxo zokuthi makehle esikhundleni.
-Olunye ulwazi lucashunwe kwiGCIS naku-IOL