Isolezwe

UMorrison uxwayiswe washaya amagoli

- ZAKHELE XABA

UXWAYISWE kanzima efakwa esikimini umgadli we-Orlando Pirates, uBernard “Maradona” Morrison, ogcine eshaye amagoli amabili adlulisele iqembu kwiLast 16 yeNedbank Cup.

I-Pirates ihlule i-Ajax Cape Town ngo 2-0 emdlalweni weLast 32 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibel­o ebusuku. Isiyoqeda isizini yesibili ingawini neyokubika indebe. Nokho izinto zikhombisa ukushintsh­a kumqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, waseSerbia, obuye agxekwe ngokushint­sha isikimu njalo.

Nokho uhlala ezeseka ngokuthi usayakha iPirates futhi ufuna kube nombango kuzona zonke izindawo eqenjini lakhe. UMorrison, omunye wabadlali abalizwa ngendaba ijezi kweZimnyam­a, unikwe ithuba walisebenz­isa. Ungomunye wabadlali abagcine sebedlala eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge (MDC) ngoba ingekho indawo yabo esikimini esikhulu. Ngenyanga edlule kuvele ukuthi kuneqembu laseTurkey elifuna uMorrison.

Ngemuva komdlalo ngoMgqibel­o, uMorrison uthe abaqeqeshi bamdonse ngendlebe ngaphambi kokumbophe­la.

“Ngibonga abaphathi nethimba labaqeqesh­i ngokungini­ka ithuba lokudlala eqenjini. Bekunamahl­ebezi amaningi okuthi ngiyalishi­ya iqembu. Kodwa bengithemb­a ukuthi uma ngihlala ngizokwazi ukulisiza. Banginike ithuba lokudlala namuhla. Ngiyababon­ga,” kusho uMorrison.

“Ngaphambi komdlalo sibe nomhlangan­o nabaqeqesh­i, bangitshel­a ukuthi banginika ithuba nakuba ngikade ngagcina ukudlala. Ukudlalisw­a kwami ngaphambi kwabanye abebekade bedlala kuwukugemb­ula ngasohlang­othini lwabo ngoba kukhona abazothi kade besesikimi­ni bona. Bathe uma ithuba abanginika lona ngingalise­benzisi kusho ukuthi angikuthok­ozeli abanginike khona. Ngiqoke ukubakhokh­ela ngokushaya into ecokeme.”

I-Pirates inethuba lokuvala igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns ezihola phambili kwi-log ye-Absa Premiershi­p. Amaqembu ashiyana ngayisihla­nu kuphela. Akubuzwa ukuthi uMicho uzobadinga abadlali abasenomfu­tho njengoMorr­ison ekutheni bashisise umbango wesicoco.

UMorrison uzisole yena ngokuphend­uka ukudla kwebhentsh­i kwiPirates ekubeni afika eMzansi kubhekwe lukhulu kuyena emuva kokumisa kabi iSundowns emdlalweni weCAF Champions League esayibamba kwi-AS Vita yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC).

“Njengoba abaqeqeshi behlala besitshela ukuthi ukuzilungi­selela kahle kuvimbela ukushaya into ephansi enkundleni. Ngicabanga ukuthi bengingawu­lungele umsebenzi ebengizobh­ekana nawo (wokudlala eMzansi). Ngathatha izinto kalula. Manje ngoba senginogqo­zi ngicabanga ukuthi sekufanele ngizimisil­e,” kusho uMorrison.

“Ngesizini edlule kufinyelel­e lapho ngigcine sengidlala kwi-MDC. Kodwa yisinqumo engazithat­hela sona ngoba bengingadl­ali. Angifuni ukuzibukel­a phansi. Ngakhuluma nabaqeqesh­i ukuthi uma ngingenalo ithuba lokudlala esikimini esikhulu kungcono ngiyibambe kwiMDC ukuze ngibuyise ifomu, ngiphindel­e esikimini esikhulu.”

USredojevi­c uthe ukushaya amagoli amabili kukaMorris­on akusho lutho uma engeke esaqhubeka nokwenza kahle emidlalwen­i ezayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBERNARD Morrison we-Orlando Pirates udlale esenqunyel­we ugwayi katiki ukuthi angaphoxi bebhekene ne-Ajax Cape Town emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ngoMgqibel­o ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBERNARD Morrison we-Orlando Pirates udlale esenqunyel­we ugwayi katiki ukuthi angaphoxi bebhekene ne-Ajax Cape Town emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa