Abagijimi baseMzansi benza ezibukwayo e-Europe
BAGILA izimanga abagijimi baseNingizimu Afrika emijahweni ye-Indoor ebanjelwe e-Europe njengoba belokhu beqhubeka nokushaya amarekhodi amasha.
Kuqale ngesonto eledlule ngesikhathi umpetha womhlaba kwi-long jump, uLuvo Manyonga, ephula irekhodi elisha lakuleli kwi-Indoor ngesikhathi egxuma ibanga elingu-8.32m eParis ngoLwesithathu olwedlule.
Irekhodi ebelikhona ngaphambi kwalokhu elika-8.18m elabekwa nguKhotso Mokoena ngo-2007, kwathi ngo-2016 uRuswahl Samaai wagxuma ibanga elifanayo.
UManyonga ophethe irekhodi langaphandle lakuleli elingu8.65m, uqala isizini yakhe ngenothi eliphezulu nje uyithemba leNingizimu Afrika lezindondo emiqhudelwaneni yomhlaba kulo nyaka.
Nyakenye uthole igolide kumaWorld Championship eLondon elandelisa isiliva alithola kuma-Olympic eBrazil ngo-2016.
Uhola ithimba labasubathi abayisishiyagalombili abamenyezelwe yi-Athletics South Africa (ASA) ngoNovemba elizomela izwe kwi-IAAF World Indoor Championship eseBirmingham, e-England, ngoMashi 1-4. UMokoena waba ngumpetha we-Indoor ngo-2008 eValencia, eSpain.
Abanye abasethimbeni nguSamaai noZarck Visser naye owenza i-long jump. UHenricho Brunjties oyibamba kwi-100m no-Emile Erasmus bese kuba uCarina Horn. Umgijimi wamabanga amade ozinze e-USA, uDominique Scott-Efurd.
Umqhudelwano we-Indoor uzolandelwa amaCommonwealth Games aseGold Coast, e-Australia kusukela ngo-Ephreli.
E-Australia kubhekwe ukuthi iNingizimu Afrika ibe ngelinye lamazwe aphezulu ekuqoqeni izindondo.
Abanye abagijimi abenza kahle ngaphandle kwalakuleli kwi-indoor uScott-Efurd owephule irekhodi lakuleli kwi-1500m egijima eBoston.
Umgijimi osemncane, uDerrick Mokaleng osefunda eChristian University eTexas naye uphume phambili eshaya irekhodi elisha lakuleli kwi-400m. Ugqashule intambo ngo-45.76 egijima eLubbock, eTexas ngempelasonto.