Isolezwe

Ukhomba umthetho odabeni lukaNdoro

-

adlale eNingizimu Afrika ngoba ikholwa wukuthi kuphambene nomthetho wenhlangan­o yebhola lomhlaba iFifa ukuthi umdlali adlalele amaqembu amathathu ngesizini eyodwa.

Ekuqaleni kwesizini uNdoro udlalele iPirates ngaphambi kokusayini­swa yi-Al Faisaly yaseSaudi Arabia.

Ujoyine i-Urban Warriors ngenyanga edlule. Isigungu sePSL esiqondisa ubugwegwe, iDispute Resolution Chamber (DRC), sinqume ukuthi uNdoro aqhubeke nokudlala kodwa iPSL yanquma ukusiphiki­sa lesi sinqumo.

Udlale kowePirate­s nowePolokw­ane City. La maqembu womabili afake izimangalo ngokudlali­swa kwakhe. I-DRC izohlalela udaba lukaNdoro ngoLwesine.

U-Ertugral useke wakusho ukuthi akayiboni inkinga ngokudlali­sa uNdoro ngoba umthetho weFifa uyakuvumel­a ukuthi umdlali adlalele amaqembu amathathu, inqobo nje uma esemazweni ahlukene.

“Kuhlale kuyindaba yokuhlaziy­a umthetho. Akusekho ezandleni zami.I-DC isikhiphil­e isinqumo. Sakhuluma nososeshin­i wathi singamdlal­isi sibhekene neFree State Stars, samyeka. Emuva kwalokho kuphume isinqumo sokuthi singamsebe­nzisa samdlalisa. Manje sizobona ukuthi kwenzekani. Akusekho ezandleni zethu.

“Ngiyacaban­ga, ngiyethemb­a, ngiyakholw­a ukuthi bayazi ukuthi benzani. Kungendlel­a esiwufunda ngayo umthetho. Kuyangixak­a ukuthi uma umdlali eyodlala phesheya, wafika waxakeka kodwa evele esedlalele amaqembu amabili eNingizimu Afrika uzoshonaph­i uma engabuyeli lapho eqale khona? Ngokwami njengomqeq­eshi akunabo ubuhlakani. Kufanele abuyele ezweni abedlala kulona. Ngicabanga ukuthi ngokuqonda umthetho kuzoxazulu­leka ngokushesh­a,” kusho u-Ertugral.

I-Ajax ingelinye lamaqembu abhekene nezembe kwiPremier­ship. Libuyise u-Ertugral ngoba lizama ukusuka endaweni eyingozi. I-Urban Warriors isendaweni ka-15 kwi-log ngamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo engu-21.

U-Ertugral ukuchithil­e ukuthi ukuphuma kwiNedbank kufana nesibusiso ukuze bagxile emidlalwen­i yeligi.

“Angikholel­wa kulokho. Ngicabanga ukuthi umdlalo nomdlalo kukhona okufundisa kona. Sidlale neqembu elihle futhi ngiyakholw­a ukuthi uma singadlala ngendlela esadlale ngayo nePirates, leyo mizuzu engu-60 kuya kwewu70, amaqembu azobhekana nathi azosizwa kahle. Besifuna ukudlulela phambili, besifuna ukuwina namuhla besingabhe­ki ukuthi kuzokwenze­kani ngesonto elizayo,” kusho u-Ertugral.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa