UMorrison uxwayiswe washaya amagoli
UXWAYISWE kanzima efakwa esikimini umgadli we-Orlando Pirates, uBernard “Maradona” Morrison, ogcine eshaye amagoli amabili adlulisele iqembu kwiLast 16 yeNedbank Cup.
I-Pirates ihlule i-Ajax Cape Town ngo 2-0 emdlalweni weLast 32 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ebusuku. Isiyoqeda isizini yesibili ingawini neyokubika indebe. Nokho izinto zikhombisa ukushintsha kumqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, waseSerbia, obuye agxekwe ngokushintsha isikimu njalo.
Nokho uhlala ezeseka ngokuthi usayakha iPirates futhi ufuna kube nombango kuzona zonke izindawo eqenjini lakhe. UMorrison, omunye wabadlali abalizwa ngendaba ijezi kweZimnyama, unikwe ithuba walisebenzisa. Ungomunye wabadlali abagcine sebedlala eqenjini leMultichoice Diski Challenge (MDC) ngoba ingekho indawo yabo esikimini esikhulu. Ngenyanga edlule kuvele ukuthi kuneqembu laseTurkey elifuna uMorrison.
Ngemuva komdlalo ngoMgqibelo, uMorrison uthe abaqeqeshi bamdonse ngendlebe ngaphambi kokumbophela.
“Ngibonga abaphathi nethimba labaqeqeshi ngokunginika ithuba lokudlala eqenjini. Bekunamahlebezi amaningi okuthi ngiyalishiya iqembu. Kodwa bengithemba ukuthi uma ngihlala ngizokwazi ukulisiza. Banginike ithuba lokudlala namuhla. Ngiyababonga,” kusho uMorrison.
“Ngaphambi komdlalo sibe nomhlangano nabaqeqeshi, bangitshela ukuthi banginika ithuba nakuba ngikade ngagcina ukudlala. Ukudlaliswa kwami ngaphambi kwabanye abebekade bedlala kuwukugembula ngasohlangothini lwabo ngoba kukhona abazothi kade besesikimini bona. Bathe uma ithuba abanginika lona ngingalisebenzisi kusho ukuthi angikuthokozeli abanginike khona. Ngiqoke ukubakhokhela ngokushaya into ecokeme.”
I-Pirates inethuba lokuvala igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns ezihola phambili kwi-log ye-Absa Premiership. Amaqembu ashiyana ngayisihlanu kuphela. Akubuzwa ukuthi uMicho uzobadinga abadlali abasenomfutho njengoMorrison ekutheni bashisise umbango wesicoco.
UMorrison uzisole yena ngokuphenduka ukudla kwebhentshi kwiPirates ekubeni afika eMzansi kubhekwe lukhulu kuyena emuva kokumisa kabi iSundowns emdlalweni weCAF Champions League esayibamba kwi-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
“Njengoba abaqeqeshi behlala besitshela ukuthi ukuzilungiselela kahle kuvimbela ukushaya into ephansi enkundleni. Ngicabanga ukuthi bengingawulungele umsebenzi ebengizobhekana nawo (wokudlala eMzansi). Ngathatha izinto kalula. Manje ngoba senginogqozi ngicabanga ukuthi sekufanele ngizimisile,” kusho uMorrison.
“Ngesizini edlule kufinyelele lapho ngigcine sengidlala kwi-MDC. Kodwa yisinqumo engazithathela sona ngoba bengingadlali. Angifuni ukuzibukela phansi. Ngakhuluma nabaqeqeshi ukuthi uma ngingenalo ithuba lokudlala esikimini esikhulu kungcono ngiyibambe kwiMDC ukuze ngibuyise ifomu, ngiphindele esikimini esikhulu.”
USredojevic uthe ukushaya amagoli amabili kukaMorrison akusho lutho uma engeke esaqhubeka nokwenza kahle emidlalweni ezayo.