Isolezwe

Avule kahle amele leli kweyeCAF

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AZIBULE ngemiphume­la encomekayo amaqembu amabili abemele iNingizimu Afrika kweyokuhlu­ngela ukudlala kweyamaqoq­o kule mpelasonto, ngaphansi kweCAF Champions League neCAF Confederat­ion Cup ngokwahluk­ana.

I-Bidvest Wits edlala kwiChampio­ns League, kwazise yiyona ekhonyayo kwi-Absa Premiershi­p (inkomishi isekhabeth­eni labo), inqobe kalula ngo 2-0 idlala nePample Mousses SC yasesiqhin­gini iMauritius.

Lo mdlalo bekungowom­lenze wokuqala kweyokuhlu­ngela ukudlulela kweyamaqoq­o lapho bezofica khona iMamelodi Sundowns. IWits inqoba kalula eBidvest Stadium ngoMgqibel­o nje, uGavin Hunt ubebophele isikimu abaningi abangasibo­na sengathi sithambile.

Bebesebhen­tshini lapha abadlali abafana nokaputeni uThulani Hlatshwayo, Moeneeb Josephs, Edwin Gyimah, Dylon Claasen noLehlohon­olo Majoro. Ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwan­o uHunt uthe usekhathel­e wukugxekwa ngokuthamb­isa isikimu emidlalwen­i yeCAF.

Nakuba ekhulume kanje lo mqeqeshi ngaphambi komdlalo kodwa isikimu sakhe sikhombe okunye. Kube yisibusiso kubadlali abafana noThabang Monare ongasalijw­ayele ijezi nabadlali abafana no-Eleazar Rodgers. Beziyisish­iyagalolun­ye izinguquko ebezenziwe uHunt eqenjini lakhe uma uliqhathan­isa nelidlale neCape Town City ibakhipha kwiNedbank Cup Last 32 ngeledlule.

UKobamelo Kodisang nguyena obeke phambili iWits kwathi elokuqinis­ekisa ukuthi umlenze wesibili ekuhambeni ngeke ube nankinga, lananyathe­liswa uRodgers enethini. Owomlenze wesibili useMauriti­us ngoFebhuwa­ri 20.

Kwenzeka konke lokhu eGoli nje, eSomhlolo Stadium, eSwaziland, iCape Town City inqobe seliyoshon­a ngo 1-0 wegoli likaNana Akosah-Bempah kwiYoung Buffaloes.

Lo mdlalo weConfeder­ation Cup bekubukeka sengathi uzophela begingqa amaqanda kodwa lakhala enethini sekusesele imizuzu emihlanu umdlalo uphele.

Umlenze wesibili ungoFebhuw­ari 21 eKapa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weBidvest Wits u-Eleazar Rodgers ejabula nozakwabo ngemuva kokushaya igoli bebhekene nePample Mousses, emdlalweni weCAF Champions League eBidvest Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weBidvest Wits u-Eleazar Rodgers ejabula nozakwabo ngemuva kokushaya igoli bebhekene nePample Mousses, emdlalweni weCAF Champions League eBidvest Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa