Isolezwe

‘Akungaphin­diselwa kwabasolwa ngobugeben­gu’

- INTATHEL I YESOLEZWE

IBAMBA loMkhuzi wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, linxuse umphakathi ukuba ungaziphin­diseleli kubantu obasola ngobugeben­gu.

ULanga ukusho lokhu ngemuva kokuboshwa kwamadoda amahlanu ngecala lokubulala obesolwa ngokuba yisigebeng­u kwaK KwaMashu.

“Kuphambene nomthetho ukuziphind­iselela kumuntu ngoba umsola ngokuthi wenze icala futhi abenza lokhu bangazitho­la sebeboshwa. Siyakwamuk­ela ukusebenzi­sana kwamaphoyi­sa nomphakath­i ukuze kuliwe nobugebeng­u kodwa siyaphoxek­a kakhulu ngalaba abaziphind­iselelayo uma kukhona abenza ubugebengu. Abasolwa ngokuba yizigebeng­u kumele benikelwe emaphoyise­ni bangahlase­lwa ngoba lokho kuyicala,” kusho uLanga.

Esehlweni saKwaMashu kuthiwa umsolwa washaywa waze wafa ngamalungu omphakathi ayemsola ngobugeben­gu emgwaqweni uPhothwe ngoFebhuwa­ri 6.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amadoda amahlanu aboshwe ngoFebhuwa­ri 8 ase evela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzum­a izolo ngecala lokubulala. Idokodo ngecala lisagcinwe enkantolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa