Isolezwe

Zishintshi­le izinto kwi-ANC esiholwa nguRamapho­sa

-

KUNESISHO sesiNgisi esithi qaphela ukuthi yini oyifisayo ngoba ingenzeka okwangempe­la. Lesi sisho imvamisa sisuke sixwayisa ngokuthi okufisayo kungenzeka kuthi uma sekufezeka kujike kukuxake.

Eminyakeni engu-10 eyedlule uMengameli Jacob Zuma engena esikhundle­ni sokuba ngumengame­li we-ANC wayeyimfiv­ilithi yabaningi kwi-ANC njengoba azidlela amahlanga engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi eyayingoDi­semba 2007.

Ngo-2009 wangena esikhundle­ni sokuba ngumengame­li wezwe ethwelwe ngeqoma kanti abanye babeze bathi bangamfela nokumfela uZuma.

Ngalesi sikhathi kwakucaca ukuthi iningi lamalungu e-ANC kalizwa mshini ngaye.

Wayetuswa ngokukwazi ukuxhumana nabantu emazingeni ehlukene empilo, ikakhuluka­zi aphansi futhi eyithemba labampofu ngokuthi uzokwazi ukuletha intuthuko empilweni yabo.

Kepha manje seligaya ngomunye umhlathi, zijikile izinto kwi-ANC njengoba umengameli wayo sekunguMnu­z Cyril Ramaphosa oyiphini likaZuma kuhulumeni.

Into ekhulunywa­yo manje kwi-ANC njengoba isimagwala mabili, ngeyokuthi uZuma abeke phansi izintambo ekubeni ngumengame­li wezwe.

Ezinye zezizathu ezihamba phambili ezinenge abantu ngaye yizinsolo zenkohlaka­lo abhekene nazo nobudlelwa­ne nomndeni wakwaGupta okuthiwa bunuka phu inkohlakal­o.

Manje i-ANC isitusa uRamaphosa okugqanyis­wa ukuthi uzokhukhul­uza inkohlakal­o ebuyisele emuva izwe ekuthuthuk­iseni umnotho nempilo yabantu.

Njengoba esephelile amahlathi kuZuma, siyethemba ukuthi uhulumeni omusha uzobuyisa isithunzi sokuphathw­a kombuso ikakhuluka­zi kwezezimal­i.

Abazongena kuhulumeni omusha kumele baqikelele ukugwema amaphutha agcine esemosha isithunzi se-ANC.

Amathemba ezinkumbi zabantu abahlwempu akuRamapho­sa nezakhe manje kanti nayo i-ANC ithembele kulesi sigungu ukuba sibuyise isithunzi seqembu.

Siyethemba ukuthi izifiso ze-ANC ngeke ziyixake ekugcineni kuze kube nesimo lapho umholi owayetuswa aphenduke iqaqa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa