Ezinye izinkinga sizithwesa zona kungadingekile
ENYE yezinhloso zale ngosi ukwakha isizwe. Emveni kokuthola inkululeko kuba seqhulwini ukwakha isizwe. Kuyagqoza lokhu eNingizimu Afrika. Noma kwenziwa, akugxiliwe kukona. Ake sizame ukubala izimbangela zezinkinga ezijwayelekile. Ukungazi, ukwesaba, ukungazethembi, ukungethembani, ukungakholwa, ubunhlwa, ukungalaleli, ubuthatha, ukunganaki, ukuhala, inkani nokudla.
Akulula ukuqeda izimbangela zezinkinga. Ukungazi kodwa kuhamba phambili. Nofundile kuyenzeka angazi. Kuyahlupha ukushaya sengathi uyazi ngisho ungazi. Kubi kakhulu ukwazi ukuthi uyazi kanti awazi. Indlela ibuzwa kwabaphambili. Ngisho ingane encane oyifice phambili iyazi kangcono indlela. Ngokwenqena ukubuza sigcina singena ezinkingeni ebesingazigwema. Abaphambili bazomemeza bathi: “Ayihambi leyo ndlela!” Ungabuzi mbuzo, yenza njengoba besho. Ukungazi kuye kusifake ezintweni ebesingazigwema. Ngibe nemali ngithenge imoto, ngizame ukuzishayelela ngingakwazi, kudaleke ingozi. Akuyona-ke ingozi le, amabomu. Emveni kwalokho ngiyakhala ngicela imithandazo. Ukudlala ngomthandazo-ke lokhu.
Kukhona abantu abesaba yonke into. Ukwesaba kwasani kuyinkinga ngokwako. Kudala ukungabaza. Kuyathelelana. Ukungazethembi kungadalwa ukungazi nangukwesaba. Akulula ukuba abanye bakwethembe uma nawe ungazethembi. Umuntu ongazethembi uzwakala esakhuluma nje. Lokhu akuchazi ukuthi asibe negqabho (sizishaye isifuba). Ukungethembani kungaphezu kwalokho. Ukungethembani kudalwa izimo ezahlukene. Awukwazi ukwethemba umuntu okudla izithende. Awukwazi ukwethemba umuntu ozwana nezitha zakho. Awukwazi ukwethemba umuntu ongalaleli nongahloniphi.
Zonke izimbangela esizibala la singazigoqa ngegama elilodwa: ukungakholwa. Ngeshwa abantu sebazi ukuthi ukukholwa kusho ukuba ngumKhristu kuphela. Ukukholwa ukwamukela nokuthemba, ngokungenambandela, nalokhu ongakuboniyo otshelwe ngako. Ukuphelelwa ukukholwa kudala ubunhlwa. Siya ngokuya sihlakazeka. Besaziwa njengesizwe esihlangene nesenza izinto ngokuhlanganyela. Sesilandela impilo esingayazi yesiLungu. Asigcwele esiLungwini, asigcwele esiZulwini. Singamalulwane. Omunye umfundi wale ngosi uthi ubunhlwa bethu budalwa ukuphelelwa ikwagogo. Zisekhona izalukazi kepha nazo ziyizintombi. Iningi lazo kalazi, ngakho-ke kungethenjelwe kuzo.
Abazali banamhlanje kabazi ukuthi indodakazi yabo eseyenda lapho ibuya emzini ithi ishayiwe, kayilali izinsuku ezimbili bengathintiwe abasemzini. Nakhona lapho abathathi uhlangothi olulodwa lwendaba. Nomkhwenyana usuke eseyindodana yalapha ekhaya. Kwakhiwa umuzi. Sebephelile abantu abadala abaneqiniso kungakho siyizinhlwa. Ngenxa yokungazi inkosikazi ihambisa inkinga yayo kubantu bangaphandle ingathinti noyedwa womndeni. Ziningi izimbangela zalokhu. Kungaba ukuthi ayifundiswanga kwabo ukuthi izindaba zomndeni aziphumeli ngaphandle. Kungaba ukududana nabangani. Kwenye inkathi izihambisa kumuntu owethembeke kabi, umholi webandla.
Kuyenzeka kwamholi lowo angazi ngenhlambuluko. Kusuke sekukhale nyonini uma inkosikazi iyobikela indoda yakomunye umuzi ukuthi yona ayisakutholi ukujabula ekhaya? Isuke ithi ayenzeni leyo ndoda? Ithi isuka leyo ndoda ibe ithi akuthandazwe. Sekuyinkinga yabo bobabili. Uyadela owaziyo ukuthi izogcina ixazululeke kanjani njengoba engatsheliwe umnikazi wendaba? Ezinye izinkinga zethu sizinweba thina. Ezinye sizithwesa zona kungadingekile. Ize ilingeke nje le ndoda ebikelwayo beyilwamukelelani udaba oludinga umndeni?
Asiziniki isikhathi sokulalela. Sihlale siphuthuma nje. Nezinye izizwe seziyasazi ukuthi singoPhuthumile. Lokhu kusenza singakwazi ukulalela nokulalelana. Kulokhu kunganaki kwethu abanye basinika ushintshi ongaphelele ngoba bayasazi ukuthi asibali. Thina esingenamali yithina esilahlekelwa kakhulu. Kunezimadlana ezithathwa emabhukwini ethu asebhange. Kunabantu abaseshela ngocingo basincomele izinto esizozikhokhela nyanga zonke. Kwenye inkathi ubona ngoba sekunemali ebanjwayo ningavumelananga. Ngenxa yokwesaba noma ngenxa yokungazi siphile nokubanjwa kwalezi zimali. Siyayibeka imali ezitokofeleni sehlukanise, silalelwe unyendle bayishaqe yonke. Indaba isuke ikhona ngaphakathi. Le mali engaka ize ithathwe nje thina asiyifaki ngani emabhukwini ethu asebhange? Kukhona izinkinga zamabomu. Uma sebekhala laba “abaphucwe” imali sekumele sibathandazise. Ngicela kungadlalwa ngomthandazo bakithi.
Ahlale unyaka wonke umfundi engafundi, afeyile, afune ukuzibulala. Kuthiwe kunenkinga lapho? Akelulekwa ngani kusaqala unyaka?
UMakhoba umbhali wezincwadi. Ikheli lasemoyeni; makhobak@unizulu.ac.za.