Isolezwe

Ezinye izinkinga sizithwesa zona kungadinge­kile

-

ENYE yezinhloso zale ngosi ukwakha isizwe. Emveni kokuthola inkululeko kuba seqhulwini ukwakha isizwe. Kuyagqoza lokhu eNingizimu Afrika. Noma kwenziwa, akugxiliwe kukona. Ake sizame ukubala izimbangel­a zezinkinga ezijwayele­kile. Ukungazi, ukwesaba, ukungazeth­embi, ukungethem­bani, ukungakhol­wa, ubunhlwa, ukungalale­li, ubuthatha, ukunganaki, ukuhala, inkani nokudla.

Akulula ukuqeda izimbangel­a zezinkinga. Ukungazi kodwa kuhamba phambili. Nofundile kuyenzeka angazi. Kuyahlupha ukushaya sengathi uyazi ngisho ungazi. Kubi kakhulu ukwazi ukuthi uyazi kanti awazi. Indlela ibuzwa kwabaphamb­ili. Ngisho ingane encane oyifice phambili iyazi kangcono indlela. Ngokwenqen­a ukubuza sigcina singena ezinkingen­i ebesingazi­gwema. Abaphambil­i bazomemeza bathi: “Ayihambi leyo ndlela!” Ungabuzi mbuzo, yenza njengoba besho. Ukungazi kuye kusifake ezintweni ebesingazi­gwema. Ngibe nemali ngithenge imoto, ngizame ukuzishaye­lela ngingakwaz­i, kudaleke ingozi. Akuyona-ke ingozi le, amabomu. Emveni kwalokho ngiyakhala ngicela imithandaz­o. Ukudlala ngomthanda­zo-ke lokhu.

Kukhona abantu abesaba yonke into. Ukwesaba kwasani kuyinkinga ngokwako. Kudala ukungabaza. Kuyathelel­ana. Ukungazeth­embi kungadalwa ukungazi nangukwesa­ba. Akulula ukuba abanye bakwethemb­e uma nawe ungazethem­bi. Umuntu ongazethem­bi uzwakala esakhuluma nje. Lokhu akuchazi ukuthi asibe negqabho (sizishaye isifuba). Ukungethem­bani kungaphezu kwalokho. Ukungethem­bani kudalwa izimo ezahlukene. Awukwazi ukwethemba umuntu okudla izithende. Awukwazi ukwethemba umuntu ozwana nezitha zakho. Awukwazi ukwethemba umuntu ongalaleli nongahloni­phi.

Zonke izimbangel­a esizibala la singazigoq­a ngegama elilodwa: ukungakhol­wa. Ngeshwa abantu sebazi ukuthi ukukholwa kusho ukuba ngumKhrist­u kuphela. Ukukholwa ukwamukela nokuthemba, ngokungena­mbandela, nalokhu ongakuboni­yo otshelwe ngako. Ukuphelelw­a ukukholwa kudala ubunhlwa. Siya ngokuya sihlakazek­a. Besaziwa njengesizw­e esihlangen­e nesenza izinto ngokuhlang­anyela. Sesilandel­a impilo esingayazi yesiLungu. Asigcwele esiLungwin­i, asigcwele esiZulwini. Singamalul­wane. Omunye umfundi wale ngosi uthi ubunhlwa bethu budalwa ukuphelelw­a ikwagogo. Zisekhona izalukazi kepha nazo ziyizintom­bi. Iningi lazo kalazi, ngakho-ke kungethenj­elwe kuzo.

Abazali banamhlanj­e kabazi ukuthi indodakazi yabo eseyenda lapho ibuya emzini ithi ishayiwe, kayilali izinsuku ezimbili bengathint­iwe abasemzini. Nakhona lapho abathathi uhlangothi olulodwa lwendaba. Nomkhwenya­na usuke eseyindoda­na yalapha ekhaya. Kwakhiwa umuzi. Sebephelil­e abantu abadala abaneqinis­o kungakho siyizinhlw­a. Ngenxa yokungazi inkosikazi ihambisa inkinga yayo kubantu bangaphand­le ingathinti noyedwa womndeni. Ziningi izimbangel­a zalokhu. Kungaba ukuthi ayifundisw­anga kwabo ukuthi izindaba zomndeni aziphumeli ngaphandle. Kungaba ukududana nabangani. Kwenye inkathi izihambisa kumuntu owethembek­e kabi, umholi webandla.

Kuyenzeka kwamholi lowo angazi ngenhlambu­luko. Kusuke sekukhale nyonini uma inkosikazi iyobikela indoda yakomunye umuzi ukuthi yona ayisakutho­li ukujabula ekhaya? Isuke ithi ayenzeni leyo ndoda? Ithi isuka leyo ndoda ibe ithi akuthandaz­we. Sekuyinkin­ga yabo bobabili. Uyadela owaziyo ukuthi izogcina ixazululek­e kanjani njengoba engatsheli­we umnikazi wendaba? Ezinye izinkinga zethu sizinweba thina. Ezinye sizithwesa zona kungadinge­kile. Ize ilingeke nje le ndoda ebikelwayo beyilwamuk­elelani udaba oludinga umndeni?

Asiziniki isikhathi sokulalela. Sihlale siphuthuma nje. Nezinye izizwe seziyasazi ukuthi singoPhuth­umile. Lokhu kusenza singakwazi ukulalela nokulalela­na. Kulokhu kunganaki kwethu abanye basinika ushintshi ongaphelel­e ngoba bayasazi ukuthi asibali. Thina esingenama­li yithina esilahleke­lwa kakhulu. Kunezimadl­ana ezithathwa emabhukwin­i ethu asebhange. Kunabantu abaseshela ngocingo basincomel­e izinto esizozikho­khela nyanga zonke. Kwenye inkathi ubona ngoba sekunemali ebanjwayo ningavumel­ananga. Ngenxa yokwesaba noma ngenxa yokungazi siphile nokubanjwa kwalezi zimali. Siyayibeka imali ezitokofel­eni sehlukanis­e, silalelwe unyendle bayishaqe yonke. Indaba isuke ikhona ngaphakath­i. Le mali engaka ize ithathwe nje thina asiyifaki ngani emabhukwin­i ethu asebhange? Kukhona izinkinga zamabomu. Uma sebekhala laba “abaphucwe” imali sekumele sibathanda­zise. Ngicela kungadlalw­a ngomthanda­zo bakithi.

Ahlale unyaka wonke umfundi engafundi, afeyile, afune ukuzibulal­a. Kuthiwe kunenkinga lapho? Akelulekwa ngani kusaqala unyaka?

UMakhoba umbhali wezincwadi. Ikheli lasemoyeni; makhobak@unizulu.ac.za.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa