Isolezwe

Umhlaba esiwufunay­o owathathwa amabhunu

-

kwaphela nangobukho­si okuyizinto ezazenziwa wuhulumeni wamabhunu. Namanje sisalwela ukuthi lo hulumeni wethu, abanye bethu ababezabal­aza naye, ophethe manje azilungise lezo zinto.

Kuyiphutha-ke ukuthi esikhundle­ni sokuthi kuyophasis­wa ePhalamend­e umthetho okuvunyelw­ene ngawo engqungqut­heleni eNasrec umbutho wethu i-ANC ulibele wukuphambu­kela emhlabeni kaZulu wonkana. Kusho ukuthi asesatshwa namanje la mabhunu.

Yingakho lolu daba lomhlaba belunganak­iwe iminyaka engaka sikuhulume­ni. Esikhundle­ni salokho ngo-1996 owayengume­ngameli uMadiba wasayina umthetho, iWilling Seller Willing Buyer, osho ukuthi uma sidinga umhlaba thizeni kuyoba kulo ibhunu eliwakhele noma eliwengame­le ukuthi liyawudayi­sa yini noma cha.

Lokho kwaba yiphutha futhi makungalun­giswa iphutha ngephutha. Amaphutha awangalama­ni, akulungisw­e umonakalo owenziwa ngabamhlop­he.

Sikhuluma nje, kunezizwe ezinobukho­si boselwa ezingenamh­laba ezingondin­gasitheben­i zihlala ezizwaneni nasemaloki­shini ngenxa yalolu daba lokudliwa komhlaba ongakabuyi­swa kuze kube yimanje emva kweminyaka engaphezul­u kuka-20 yenkululek­o .

Sithi uhulumeni makaqonde ngqo isitha sodaba lomhlaba olwasihluk­umeza. Masingahlu­kumezani sisodwa siyindlu emnyama. Umhlaba esiwufunay­o osezandlen­i zamabhunu kwaphela nje. Jabulani Mdunge EMADUNGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa