Isolezwe

Izigcawu ngodaba lwaseMatat­iela

- MLUNGISI GUMEDE

ZIYAQALA izigcawu zomphakath­i mayelana nesiphakam­iso sokuthi kuchitshiy­elwe umthethosi­sekelo odabeni lokususwa kweMatatie­la e-Eastern Cape ibuyiselwe KwaZulu-Natal.

Isigcawu sokuqala sizoba seBhongwen­i eKokstad namhlanje esifundeni iHarry Gwala.

Ikomiti lesikhasha­na lesiShayam­thetho saKwaZuluN­atal lizolalela uvo lomphakath­i mayelana nesiphakam­iso sokuthi kubuyiselw­e iMatatiela eKZN. Isigaba somthetho uSection 74(5) seziphakam­iso zokuchitsh­iyelwa komthethos­isekelo sidinga ukuthi kube nezinkulum­o-mpikiswano emphakathi­ni ngaphambi kokuthi kuphasiswe umthetho othile.

Izingxoxo mayelana neMatatiel­a kade zaqala kodwa azifinyele­li esiphethwe­ni. Sekwenziwe namaKhomis­hini amaningi abecubulun­ga lolu daba okubalwa nekaSteyn and Trengrove kodwa lutho isisombulu­lo.

USihlalo wekomiti lasesiShay­amthetho, uMnuz Sipho Gcabashe, uthe ngalezi zigcawu zomphakath­i bahlose ukufaka zonke izinhlaka ezithintek­ayo kulolu daba.

“Izigcawu zokuqala zizoba sezindawen­i eziseduze okubalwa kuzo iKokstad ezingase ziphazanyi­swe yilolu hlelo,” kusho uGcabashe.

Uthe kusasa umphakathi uzohlangan­a esiShayamt­hetho uqhubeke nokubhunga ngalolu daba.

I-African Independen­t Congress (AIC) isize i-ANC ukuze ihole uMasipala waseKurhul­eni nowaseRust­ernburg ngaphansi kombandela wokuthi kumele yeseke ukuthi iMatatiela ibuyiselwa eKZN.

I-ANC ingene kulo mshado ne-AIC ngemuva kokulahlek­elwa omasipala abakhulu okhethweni lohulumeni bezindawo ngo-2016.

I-AIC isabisa ngokuthi izophuma emshadweni ne-ANC uma ingasigcin­i isithembis­o sayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa