Isolezwe

Lingahlaka­zwa iPhalamend­e: uSolwazi

- MLUNGISI GUMEDE

UNGOTI wezindaba ezithinta uMthethosi­sekelo, uSolwazi Pierre de Vos, uthe uMthethosi­sekelo uyakuvuma ukuthi iPhalamend­e lingahlaka­zwa ngaphambi kokuphela kwesikhath­i salo.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uDe Vos uthe isiphakami­so samaqembu aphikisayo sokuthi kuhlakazwe iPhalamend­e kuphinde kube nokhetho ngokushesh­a singaphume­lela ngokuvunyw­a yisigaba somthetho uSection 50 kuMthethos­isekelo.

“Kungenzeka lokhu okufunwa amaqembu aphikisayo yize kona kungakaze kwenzeke kuleli phambilini,” kusho uDe Vos.

Uthe iPhalamend­de liyakwazi ukuthi lihlakazwe uma selihlale iminyaka emithathu.

“Uma lihlakazwa kubamba uSomlomo isikhathi esingangen­yanga kusalungis­elelwa ukuthi kwakhiwe iKhabhinet­hi entsha,” kusho uDe Vos.

U-De Vos uthe isiphakami­so sokungabet­hembi ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma singenziwa yinoma yiliphi iqembu ePhalamend­e.

IPhalamend­e lizophelel­wa yisikhathi salo ngonyaka ozayo ngemuva kokhetho lukazwelon­ke obelungo-2014.

Umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Xolani Dube, uthe amaqembu aphikisayo anaso isisekelo esiphakami­sweni sawo sokuthi kuhlakazwe iPhalamend­e nokuthi kube nokhetho ngokushesh­a.

UDube uthe amaqembu aphikisayo asefake kakhulu ipolitiki odabeni lokuthi uZuma ehle esikhundle­ni.

“Amaqembu aphikisayo awasenzi lesi siphakamis­o sawo ngoba ecabangela izwe kodwa asenza ngoba efuna ukuzuza kwezepolit­iki ngoba wona ayazuza ngomsindo osuke ukhona,” kusho uDube.

Uthe i-ANC ingaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba ibhekene nokuthi inqume ngekusasa likaZuma.

“UZuma nguyena kuphela onganika i-ANC impilo ngokuthi azehlele esihlalwen­i,” kusho uDube.

Uthe ubona uZuma ezogcina ezehlelile esikhundle­ni, wengeza ngokuthi akamboni efuna ukuthi igama lakhe lingene kabi emlandweni ngokuthi abe ngumengame­li owabulala inhlangano.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Thabani Khumalo, uthe isiphakami­so samaqembu aphikisayo asisoze saphumelel­a.

“Le nto abayishoyo ayihlukile emizameni abahlale beyenza yokuphakam­isa ukuthi abasabethe­mbi ubuholi bukamengam­eli kodwa bebe bazi kahle kamhlophe ukuthi izibalo azibavuni,” kusho uKhumalo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa