Isolezwe

UMphasane ukhaliswa wukushiya abadlali bakhe aye eKapa

- ZAKHELE XABA

UKHALISWA wukushiya ngemuva abadlali bakhe umqeqeshi weSwallows, u-Isaac Mphasane, ezakhe ezibambe iMaritzbur­g United zagcina zikhale ngaphansi esikhathin­i esengeziwe emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup.

ISwallows, edlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauten­g, ihlulwe yiTeam of Choice ngo 3-1 eDobsonvil­le Stadium ngoMgqibel­o. Ngesonto eledlule kusabalale izindaba zokuthi iqembu selithenge ilungelo lokudlala kwiNationa­l First Division (NFD) leCape Town All Stars ekhishwe kwiNedbank yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 ngoLwesihl­anu.

Nakuba izikhulu zeSwallows zenqabile ukuqinisek­isa lokhu kodwa uMphasane uphahlukil­e wathi okumphatha kabi wukuthi uzoshiya abadlali bakhe ayohlala eKapa. Ngokomthet­ho wePremier Soccer League (PSL) iqembu kufanele lihlale isizini eyodwa endaweni ebelikuyo lingakathe­ngwa. Nokho lokhu akuhlale kugcinwa ngoba ngesikhath­i uJohn Comitis ethenga iMpumalang­a Black Aces uyifudukis­ele eKapa ngaso leso sikhathi wayibiza ngeCape Town City ekuqaleni kwesizini ka-2016/2017.

Ngokohlelo lweSwallow­s kubukeka kuzoba neqeqebana labadlali abazofuduk­ela eKapa ekuqaleni kwesizini ezayo nakuba kungakacac­i ngokuzokwe­nzeka ngeqembu elikhona njengamanj­e nabadlali abazosala. UMphasane uqale ukuqeqesha iSwallows ekuqaleni kwesizini. Isendaweni yesithupha kwi-log.

“Akwehli kahle ukuthi ngizobashi­ya laba bafana ngiyohlala eKapa ngesizini ezayo. Kodwa sengivele ngibabonil­e abazodlala kahle nabanye abakuyona iCape Town All Stars,” kusho uMphasane.

Isikhulu seSwallows, uPanyaza Lesufi, siveze ukuthi sekusele kancane ukuthi ixazululek­e inkinga ngegama elithi iMoroka njengoba besebenzis­a elithi Swallows kuphela. Uthe wethemba ukuthi kuzoqala isizini ezayo sebevumele­kile ukubiza iqembu ngeMoroka Swallows.

Mayelana nomdlalo wangoMgqib­elo, uMphasane uthe ujabule ngendlela abadlale ngayo abafana bakhe.

“Ngikholwa wukuthi lo mdlalo ubakhulisi­le futhi bazogqugqu­zeleka ukuthi bayibambe kakhulu emidlalwen­i yeligi. Sisendawen­i yesithupha futhi ngicabanga ukuthi sisenalo ithuba lokuqeda phezulu. Kulo mdlalo ngicabanga ukuthi senzelwe phansi wukulimala kwabadlali,” kusho uMphasane.

Umqeqeshi weMaritzbu­rg, uFadlu Davids, uvumile ukuthi iSwallows ibikade ingcono kunabo enkundleni.

“ISwallows ifanelwe wukudlala kwiPSL. Umlando webhola laseMzansi uyayidinga. Bebeyiqemb­u elingcono kunathi enkundleni. Ngiyababon­gela. Ekugcineni amava asebenzile kwazise kade besicindez­ela ikakhuluka­zi esiwombeni sokuqala. Kwesesibil­i kade sebegcwala ngemuva kwebhola, benza namaphutha. Okubalulek­ile wukudlulel­a esigabeni esilandela­yo,” kusho uDavids.

 ??  ?? ISAAC MPHASANE
ISAAC MPHASANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa