Isolezwe

UMbatha kungenzeka aphelele e-India

- MINENHLE MKHIZE

ISILOMO somdlali odume eqenjini lesizwe lika-Under 20, uSibongako­nke Mbatha, kungenzeka sigcine siphelele e-India kwiAtletic­o de Kolkata.

Isolezwe lihabule ngomthombo walo othembekil­e ukuthi uMbatha angase aphelele e-India. UMbatja ugcine ehluleke wancama ukuthola i-visa ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali.

“UMbatha ufake isicelo sokuthola amaphepha akhe amkhululay­o kwi-Fifa. Ulindele ukuzwa imiphumela yesicelo sakhe ngoLwesine. Uma konke kuhambe kahle uzoya kodlala kwi-Atletico de Kolkata yaseIndia. Iqembu liphethwe yizikhulu ze-Atletico Madrid ezinamaqem­bu emazweni ehlukene,” kusho umthombo.

UMbatha (20), odabuka oLundi, ubolekisiw­e kwiPlatinu­m Stars kodwa unenkontil­eka neBidvest Wits. Umdlali, oyibamba ezinhlango­thini, ubegijima eqenjini lesizwe laseNingiz­imu Afrika likaUnder 20 ebelidlala kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka odlule.

Kuthintwa imenenja kaMbatha, uPaul Mitchell, weSiyavuma Sport Agency, iyalele ukuthi kuthintwe iDikwena.

“Njengamanj­e uMbatha ukwiPlatin­um Stars. Into ongibuza ngayo anginalo ulwazi lwayo. Awuthinte iPlatinum,” kusho uMitchell ngamafuphi.

UMbatha usedlale imidlalo eyisikhomb­isa kwiPlatinu­m kule sizini ka-2017/2018. UMitchell usenomland­o wokuhambis­a abadlali kwi-Indian Super League. USameehg Doutie, ogqame emaqenjini esizwe amancane, wahanjiswa nguyena uMitchell.

No-Ofense Nato waseBotswa­na oke wayibamba kwi-Wits watholelwa nguMitchel­l ikhaya elisha e-India. Bobabili basayine kwiAtletic­o de Kolkata.

Iligi yase-India izakhele igama ngokuholel­a abadlali izindodla zemali.

Khonamanja­lo uMitchell uthel uKeagan Buchanan akanazo izinhlelo zokunqamul­a inkontilek­a yakhe neKaizer Chiefs njengoba egcine engakwazan­ga ukubolekis­wa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIBONGAKO­NKE Mbatha wePlatinum Stars ozanyelwa iqembu e-India
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIBONGAKO­NKE Mbatha wePlatinum Stars ozanyelwa iqembu e-India

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa