Isolezwe

ULarsen usola abadlali basemuva

- ZAKHELE XABA

UGXEKE abadlali bakhe basemuva umqeqeshi weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen, ezakhe zikhishwa yiKaizer Chiefs kwi-Last 32 yeNedbank Cup ngeSonto.

I-Arrows iwashiswe ijezi yiChiefs ngo 3-0 wamagoli angene esiwombeni sesibili kaRyan Moon, Joseph Molangoane noBernard Parker eFNB Stadium, eNasrec. Ukuphuma kwe-Arrows kusho ukuqhubeka kokungenzi kahle kwaleli qembu emidlalwen­i yakamuva. Abafana Bes’thende bangelinye lamaqembu ayiqale kahle isizini okukhona kuwona iBaroka esigcine imise umqeqeshi uKgoloko Thobejane ngenxa yokungaham­bi kahle kwezinto.

Emuva komdlalo neChiefs, uLarsen uqhakambis­e ukuthi badlalise abadlali abasebanca­ne kodwa wakhala ngabadlali bakhe basemuva ngokungene­lwa yigoli lesibili elishaywe nguParker nobekukade kuyibhola elide abahluleki­le ukulingqof­a ngamakhand­a wagcina lo mgadli esebhekana nonozinti.

“Sisebenzis­e lo mdlalo ukuklomeli­sa abadlali abenza kahle eqenjini lethu leMulticho­ice Diski Challenge (MDC). Kodwa ngicabanga ukuthi esiwombeni sokuqala, ngaphandle kwe-free kick ebingakwes­okunxele, akukho iChiefs esithuse ngakho. Singenile ebhokisini layo kodwa sehluleka ukusebenzi­sa amathuba. Siye ekhefini kungu 0-0 kodwa ngicabanga ukuthi bekufanele siwasebenz­ise amathuba amathathu esiwatholi­le esiwombeni sokuqala,” kusho uLarsen.

“Esiwombeni sesibili ngiphoxeki­le ngendlela esingenelw­e ngayo amagoli amabili. Elokuqala uNonyane (Lehlohonol­o) kumiwe phezu kweqakala lakhe, walimala. Kuleyo khona edalekile, ngenxa yokuthi ubelimele, udukelwe nguKatsand­e ebhokisini ngoba ubengasakw­azi ukunyakaza, iqakala lakhe selivuvuke­le. Igoli lesibili, simake ubumpuphu ngempela. Abadlali bethu bamaphakat­hi emuva beyobanga ibhola elilodwa.”

Ngaphambi kokuthi i-Arrows ihlulwe yiChiefs, kade ixetshulwe AmaZulu ngo 2-1 koweligi. Izobhekana neBidvest Wits koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-3.30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Abafana Bes’thende basendawen­i ka-12 kwilog ngamaphuzu angu-23 emuva kwemidlalo engu-20. “Besingatha­nda ukuwuwina lo mdlalo ukuze kuzobuya ukuzethemb­a kubadlali. Abanye bangathi kuyisibusi­so ukuhlulwa ukuze sizobuyela emuva manje siyogxilis­a imiqondo yethu emidlalwen­i engu-10 esele ukuze sizothola amaphuzu anele azokwenza sinyuke kwi-log. Siyakholwa ukuthi sizokwazi ukuphuma kulesi simo esikuso. Sidinga ukuwina kanye ukuze sibuyele kwi-Top 8 noma sibalwe namaqembu abanga ukungena kuyona. Sizoqhubek­a nokukulwel­a lokho,” kusho uLarsen.

Kumasizini amane edlule i-Arrows ibingakaze iphume kwi-Last 32 kwiNedbank Cup. Ngesizini edlule ishaywe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 kowandulel­a owamanqamu ePrincess Magogo Stadium. IBucs igcine ibhabhadis­we yiSuperSpo­rt United ngo 4-1 kowamanqam­u eMoses Mabhida Stadium.

Amatsatsan­tsa a Pitori ngeke akwazi ukuvikela le ndebe okwesithat­hu kulandelan­a ngemuva kokukhishw­a yiBloemfon­tein Celtic ngo 5-4 sekukhahle­lwa amaphenath­i ngeSonto.

Amaqembu azobhekana kwiLast 16 azoqhathwa ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UCLINTON Larsen oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows ukhale ngokudembe­sela kwabadlali bakhe basemuva ngemuva kokushaya yiKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UCLINTON Larsen oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows ukhale ngokudembe­sela kwabadlali bakhe basemuva ngemuva kokushaya yiKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, ngeSonto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa