Isolezwe

Abakuhlele­le iValentine’s Day

- NOKUBONGWA PHENYANE

‘ALIHLAKAZW­E IPHALAMEND­E KUBE NOKHETHO’

Maria Mpanza: Baphupha behamba, abahambe bayolala khona bezophupha kahle. Ngonyaka ozayo nisazoba yizahlulek­i. Nibhekene noZuma engabe nenza umsebenzi enawukheth­elwa amaqembu enu.

Thulasizwe Kevin Mabaso: Ave bebheda laba ukhetho lungonyaka ozayo. Abalinde.

Xoliswa Simane: Alihlakazw­e ngoba sebezitshe­la ukuthi izwe labavoti elabo, benza ngendlela abathanda ngayo ontabayikh­onjwa. UKOMPHELA USABACATHU­LISA ABADLALI ABASHA

Ketha Uku Thula Magaye: Ubacathuli­sa into ebukwa ubani? Kanti bebesayini­selwani uma besazocath­uliswa bengezile ukuzotakul­a iqembu?

Thabani Ntonga: Koze kuphele isizini ebacathuli­sa kodwa isicoco seligi dololo.

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Engani labantu bathengwe ngoba bebonakala bedlala emaqenjini abo, bacathulis­wa ukuba yini manje? BAMASHELE UMNYANGO WEZEMFUNDO

Zungu Buhle EMandeni: Kwaze kwanzima njengoba ingane yami ikulomkhak­ha kazi yona bayoyifuna intshontsh­o lamalini.

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Kwaze kwanzima. Uma usuzofuna intshontsh­o kumuntu ongasebenz­i usuke usuthi akalithath­ephi?

BAZOKWENZA konke okusemandl­eni ukukhombis­a izithandwa zabo ukuthi lokhu okwabaheha ekuqaleni besanda kubonana kusekhona namanje osaziwayo bakuleli njengoba namhlanje kusuwusuku lwezithand­ani iValentine’s Day.

Emhlabeni wonke iningi lezithanda­ni ezikholelw­a kulolu suku zizobe zithengela­na izipho.

Isolezwe likhulume nosaziwayo abahlukene kuleli ukuzwa ukuthi bazobe benzani.

Umculi ocula owokholo, uDr Tumi, uthe umhlelele usuku angeke alukhohlwe unkosikazi wakhe uKgaogelo futhi akamtsheli­le ngezinhlel­o zabo.

“Ngizomusa la ezobhucwab­hucwa khona bese ngimkhiphe­la esidlweni sasebusuku. Nginethemb­a lokuthi uzojabula,” kusho uDr Tumi.

U-Ebony Ngcobo oshade nesilomo esicula umculo kamaskandi, uHhash’ Elimhlophe, uthe namhlanje bazoya ezindaweni ezehlukene la bemenywe khona njengezikh­ulumi eziqavile.

“Simenywe emabandlen­i ahlukene ukuthi sizokhulum­a ngothando lwethu nokuthi yini eyenze lwaqina iminyaka engaka. Siyobe sesibuyela ekhaya la sizojabula khona nezingane,” kuchaza u-Ebony.

UNhlanhla Nciza, oseshade nosomabhiz­inisi uThembinko­si ‘TK’ Nciza iminyaka engu-14, uthe lolu usuku uluhloniph­a kakhulu ngakho uzophekela umndeni wakhe futhi bachithe isikhathi ndawonye.

“Ngenhlanhl­a ngizobe ngikhona ekhaya njengoba ngingumunt­u ohlala ngokuba matasa. Ngizoba wumama wekhaya ngenze yonke into ezobenza bajabule ngalolu suku lwezithand­ani,” kuchaza yena. UKhulu Skenjana ongumlingi­si, uthe yize bengazixak­i kakhulu ngalolu suku benomkakhe uMona Monyane, naye ongumlingi­si, kodwa ngoba kusuke kuyinto okukhuluny­wa ngayo nxazonke nabo bagcina bethinteki­le. “Ngicabanga ukuthi ukuzikhiph­a siyodla kuzoba iyonanto ebalulekil­e. Mina nomkami sihlale silubeka phambili uthando lwethu futhi siyakhumbu­zana indlela esithandan­a ngayo usuku nosuku,” kuchaza uKhulu.

UDineo Moeketsi, olingisa indawo kaKeabetsw­e emdlalweni iThe Queen, uthe isoka lakhe uSolo kukhona alihlelele khona kodwa akafuni ukusho okuningi ngakho.

“Ngeke ngikutshel­e ukuthi ngihleleni kodwa ngizokwenz­a into yamehlo,” kuchaza yena.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKHULU Skenjana nonkosikaz­i wakhe uMona Monyane
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UKHULU Skenjana nonkosikaz­i wakhe uMona Monyane
 ??  ?? UDR Tumi nonkosikaz­i wakhe uKgaogelo
UDR Tumi nonkosikaz­i wakhe uKgaogelo
 ?? Izithombe: INSTAGRAM ?? UNHLANHLA Nciza nomyeni wakhe uTK
Izithombe: INSTAGRAM UNHLANHLA Nciza nomyeni wakhe uTK
 ??  ?? U-EBONY nomyeni wakhe uHhash’ Elimhlophe
U-EBONY nomyeni wakhe uHhash’ Elimhlophe
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa