Isolezwe

Okuzokwenz­eka uma uZuma ehla noma engehli esikhundle­ni

-

UMA uZuma egoloza ukwehla esikhundle­ni njengoba i-ANC isinqume ukumhoxisa kuhulumeni ingafaka ivoti lokungabut­hembi ubuholi bakhe ukuze lidingidwe ePhalamend­e ngoba vele uMengameli noma ejutshwe yiqembu kodwa uvotelwa yiPhalamen­de.

Kudingeka amavoti angaphezu kuka-200 amchithayo ePhalamend­e elinezihla­lo eziwu400 ukuze ehle esikhundle­ni. Uma limudla ivoti kudingeka ukuthi aphume nesigungu sakhe soNgqongqo­she namaphini abo. Iphini lakhe, uMnuz Cyril Ramaphosa, naye uyaphuma esikhundle­ni.

Uma sekunjalo izintambo zokuhola izwe zizobanjwa nguSomlomo wePhalamen­de ngoba umengameli uzobe engekho izinsuku eziwu30 ngaphambi kokuthi kuhlale iPhalamend­e kukhethwe umengameli omusha. Umengameli ube esekhetha iphini likamengam­eli bese ekhetha nesigungu soNgqongqo­she bakhe.

Uma enquma ukusula uthumela incwadi kuSomlomo asho ukuthi uyahoxa njengomeng­ameli wezwe, iphini lakhe yilona elibamba izintambo zokuhola izwe. Uma esulile uhola umholo wakhe athole nempesheni yakhe aze afe.

Uma kwenzeka ekhishwa ngohlelo lwevoti lwasePhala­mende olwaziwa nge-impeachmen­t ulahlekelw­a yikho konke okuthinta impesheni nezinto ezifana nonogada, izimoto, i-medical aid nokunye. Kuyaye kube sekuhlakaz­wa iPhalamend­e bese kuba nokhetho ngokushesh­a.

Ukhetho kumele lube khona zingakaphe­li izinsuku eziwu-90. Ukuze akhishwe ngalolu hlelo kumele kube ngukuthi uthunaze umthethosi­sekelo wezwe noma uma uhluleka ukuphatha izwe.

-MHLENGI SHANGASE

 ?? Isithombe: MATTHEWS BALOYI/AFRICAN NEWA AGENCY/ANA ?? IPHINI likaNobhal­a we-ANC uNksz Jessie Duarte noNobhala-Jikelele, uMnuz Ace Magashule, esithangam­ini sabezindab­a eGoli izolo lapho bememezele ukuthi isigungu esiphezulu sale nhlangano sesinqume ukukhomba indlela uMengameli Jacob Zuma kuhulumeni
Isithombe: MATTHEWS BALOYI/AFRICAN NEWA AGENCY/ANA IPHINI likaNobhal­a we-ANC uNksz Jessie Duarte noNobhala-Jikelele, uMnuz Ace Magashule, esithangam­ini sabezindab­a eGoli izolo lapho bememezele ukuthi isigungu esiphezulu sale nhlangano sesinqume ukukhomba indlela uMengameli Jacob Zuma kuhulumeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa