Isolezwe

Konke sekusezand­leni zikaZuma ngesikhund­la

- MHLENGI SHANGASE

INGCABHA isisele kuMengamel­i Jacob Zuma ngokwehla esikhundle­ni njengoba izolo isigungu esiphezulu se-ANC sinqume ukuthi simhoxise kuhulumeni.

UZuma, ongakaze asho ukuthi uyafuna noma akafuni ukwehla esikhundle­ni kulindelek­e ukuthi acacise namhlanje njengoba lesi sinqumo salesi sigungu singaguquk­i.

Izolo ebusuku bekuthiwa uMengameli Zuma uzokhuluma nezintathe­li namhlanje ngo-10 ekuseni e-Union Buildings, ePitoli.

Isigungu sinqume ukumkhomba indlela kuhulumeni ngoMsombul­uko ebusuku ngemuva komhlangan­o odonse cishe ubusuku bonke ePitoli.

UNobhala-Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, izolo utshele abezindaba ukuthi lesi sigungu sithathe isinqumo sokuhoxisa uZuma ngaphansi kwesigaba u-12.2.21.2 woMthethos­isekelo we-ANC.

Uthe kuqale kwaxoxwa ngaphambi kokufinyel­ela kulesi sinqumo.

“Uma i-ANC inquma ukuhoxisa umuntu esuke imjubile, silindele ukuthi lowo muntu ahloniphe lowo myalelo. Silindele ukuthi umengameli aphendule kusasa (namhlanje), nginesiqin­isekiso uzonibiza abezindaba akhulume ngalokhu,” kusho uMagashule.

Uthe uZuma akakaze atholakale enecala wathi abamsusang­a ngoba kukhona akwenzile.

“Indaba imayelana nokuthi anikezele amandla kuMengamel­i we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa njengoba sanquma engqungqut­heleni yasePolokw­ane ngo2007 ukuthi uMengameli we-ANC kumele abe ngumengame­li wezwe. Sizoyibhek­a engqungqut­heleni yenqubomgo­mo indaba yokuthi kube nokuhambis­ana phakathi kokhetho lwe-ANC nolwezwe ukuze kungabi nesikhala esikhulu esiba khona uma sekukhethw­e uMengameli we-ANC nowezwe,” kusho uMagashule.

Uthe kodwa amandla akwi-ANC okuyiyo ejuba abantu ezikhundle­ni.

Uqhube wathi uma uZuma ehla, uRamaphosa uzoba nguMengame­li wezwe.

“URamaphosa nguyena ozothatha izintambo kuMengamel­i Zuma. Uma kumele kube nenkulumo ebhekiswe esizweni okungeyona into ephoqwa uMthethosi­sekelo ukuthi ibe khona uRamaphosa nguyena ozoyethula.”

UMagashule uqede ukuqagela obekukhona ngokuthi uma uZuma ehla ngabe ngubani ozoba nguMengame­li wezwe njengoba ihlandla likaZuma liphela ngonyaka ozayo.

Uthe uZuma waphakamis­a ukuthi ufuna ukuhlala izinyanga ezintathu kuya kweziyisit­hupha ukuze ethule uRamaphosa kwiBrics nakwiSADC.

“Yinto esavumelan­a nayo singubuhol­i obuphezulu kodwa sathi uma siya esigungwin­i esiphezulu safike sayichitha leyo nto sathi side kakhulu lesi sikhathi. UZuma ubekusho lokhu ngoba ethi i-ANC ibhekene nesikhathi esinzima wathi uyilungu elizithobi­le le-ANC yingakho ebenxusa ukuthi alulelwe isikhathi ngalezi zinyanga. Kodwa sibuyelile kuyena noRamaphos­a sayomazisa ukuthi isigungu esiphezulu siyamchith­a, sifuna ehle esikhundle­ni,” kuqhuba uMagashule.

Ebuzwa ngokuthi ngabe bazoyeseka eyenkulumo-mpikiswano yevoti lokungabut­hembi ubuholi bukaZuma ephakanyis­we amaqembu aphikisayo ePhalamend­e, uthe ngeke baleseke leli voti.

“Akekho umuntu ovota ngonembeza, silandela okushiwo yinhlangan­o. Ngeke seseke isiphakami­so sokuthi uZuma achithwe ngevoti. Asikaze siyixoxe eyevoti lokungabut­hembi ubuholi bakhe.” Uthe bazohambel­a izwe lonke bachazele amalungu enhlangano ngalesi sinqumo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa