Isolezwe

Itwetwe kubulawa unina nendodakaz­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKA izanya umndeni waseMlaza kulandela ukubulawa kowesifaza­ne nendodakaz­i yakhe okuthiwa bahlaselwe ngamadoda angaziwa, ngoMsombul­uko.

UNksz Lindiwe Dlamini (48) nendodakaz­i yakhe uNksz Londiwe Dlamini (25) badutshulw­e besekhaya esigcemeni kwa J, ngasemgwaq­weni Isipokini.

Ngokuthola kweSolezwe kufike amadoda amabili ngo 3.30 ntambama, angqongqoz­a kwaDlamini.

Kuvule uNksz Dlamini, omunye umsolwa kuthiwa ubonakale exoxa naye, wamnikeza incwadi wabe esemdubula.

Indodakazi kamufi kuthiwa ibisethoyi­lethi elingaphan­dle kwendlu ngesikhath­i unina edutshulwa.

Kuthiwa iphumile izama ukubaleka okuyilapho umsolwa eyidubule khona ngemuva. Indodakazi kaLondiwe eneminyaka eyisikhomb­isa ebithunywe esitolo kuthiwa ifice izidumbu egcekeni.

Okhulumela umndeni, uNksz Lungile Dlamini uthe bathuka izanya njengoba bengazi ukuthi abahlaseli bazobuya yini bezobahlas­ela. “Siyesaba njengoba sihlezi la endlini ngoba abahlaseli bashiye incwadi esingakwaz­anga ukuyifunda ngenxa yokuthi ithelwe yigazi, ethathwe amaphoyisa. Asazi kungani umama nodadeweth­u omncane bebulewe ngoba bebengenaz­o izitha. Sifisa nokucasha ngoba sinovalo,” kusho uLungile.

Indodana kamufi uMnqobi “Nqo” Dlamini (19) nayo ethe inovalo lokuthi ingahlasel­wa itshele Isolezwe ukuthi bekunezink­ulumo zokusonga ebizitshel­wa ngabantu kulandela ukubulawa kukamfowab­o uMnuz Lungelo Dlamini nyakenye ngoMeyi.

“Ngezwa abantu bengitshel­a ukuthi osolwa ngokubulal­a umfowethu uthi ngeke akhululeke uma engakangib­ulali ngoba akazi ukuthi ngicabanga­ni. Uma sekuhlasel­wa umndeni wami kanjena kungenza ngisabe,” kusho uNqo.

Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nodaba ukuthi le ncwadi eshiywe kumufi ibinezinko­mba zokuphindi­sela ngoba bekunezinh­lamvu ebezibonak­ala kancane eziveza ukuthi bayoze bawuqede lo mndeni ngenxa yothize “owashona” ngesandla selinye ilungu lomndeni wakwaDlami­ni.

ULungile uthe yize ebengahlal­i ekhaya ngenxa yomsebenzi kodwa bebezwana nonina nodadewabo.

“Ngigcine ukukhuluma nodadeweth­u ngoMgqibel­o ngoba bekuwusuku lwakhe lokuzalwa. Kunzima ukwamukela ukubulawa kwabantu besifazane ngesihluku esingaka. Udadewethu unengane enamasonto amathathu ayisishiyi­le kumanje. Ingane yakhe eneminyaka eyisikhomb­isa ebone yonke into ungathi iyagula namanje ngenxa yalesi simo,” kusho uLungile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe amacala amabili okubulala, akekho oboshiwe. Uphenyo luyaqhubek­a.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Londiwe Dlamini obulewe
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Londiwe Dlamini obulewe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa