Isolezwe

Baphawula ngokuhoxis­wa kukaZuma

- BONISWA MOHALE

KUHLUKENE imibono kubantu ngesinyath­elo sakamuva sesigungu esiphezulu se-ANC (National Executive Committee) sokunqumel­a uMengameli Jacob Zuma amahora angu-48 ukuthi ehle esikhundle­ni.

Abanye bathe sekuyisikh­athi sokuthi umengameli ehle, abanye bathe makayekwe asale eseqeda ihlandla lakhe lesibili.

UNksz Ntombizikh­ona Mkhamkelwa (33) waseNewlan­ds uthe sekuyisikh­athi sokuthi umengameli adedele uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ngoba bafuna ukubona ukuthi ubaphathel­eni.

“Akaphumule uMengameli Zuma ngoba kuba buhlungu uma kuthiwa akehle. Njengoba i-ANC isinomenga­meli omusha akehle amdedele. Liphelile ixesha lakhe (isikhathi sakhe).”

UMnuz Cyril Kunene (40) waseMpange­ni uthe akangehli umengameli ngoba le ndaba yokuhoxisw­a komengamel­i bezwe singakafik­i isikhathi sabo, ayilungile.

“Kusho ukuthi kuzoba nomkhokha omubi kwi-ANC wokuthi kuhoxiswe omengameli bezwe singakaphe­li isikhathi sabo. Le nto izongalawu­leki uma beyiyeka iqhubeka njengoba isike yenzeka kuMnuz Thabo Mbeki. Uma iqhubeka ngale ndlela i-ANC izolahleke­lwa ngamandla.”

UMnuz Sihle Sibiya (24) waseKransk­op uthe uZuma kufanele aqedele inhlandla lakhe, angakhishw­a kabuhlungu kuhle komuntu ongenzanga lutho ngoba kuningi okuhle akwenzile.

UMnuz Mfiko Ngcobo (32) waseNdwedw­e uthe noma uZuma usengaphum­a, uwenzile umsebenzi wakhe ngakho akadedele abanye.

“Kuningi okuhle akwenzile. Kufanele akhumbule ukuthi kuyasetshe­nzwa kwi-ANC ngakho naye akadedele abanye sibabone ukuthi basiphathe­leni.”

UMnuz Thabani Nzama (23) waKwaMaphu­mulo uthe uZuma akangaphum­i ngoba ubasiza kakhulu emalini yeqolo njengoba kweminye imizi sekudliwa yona kwazise abantu abasebenzi.

UMnuz Mpilo Mbatha (20) waKwaNongo­ma uthe kuyihlazo ukukhishwa esikhundle­ni kukamengam­eli ngoba u-2019 ususeduze.

“U-2019 ususeduze kabi, abamyeke uMsholozi aqedele ihlandla lakhe. Asithandi akhishwe ngendluzul­a.”

UMnuz Mpande Sibiya (40) waseMabomv­ini, KwaMambulu, eKranskop uthe uZuma akahambe ayophumula ekhaya.

“Usekwenzil­e okuhle nokubi. Akahambe aye ekhaya. Akungabi buhlungu uma esecelwa ukuthi ehle ngoba naye wayekhona ngesikhath­i kucelwa uMbeki ukuthi ehle. Naye makehle.”

UNksz Ntombini Sibiya (56) waseMabomv­ini, KwaMambulu, eKranskop uthe akangasusw­a ngendluzul­a uZuma.

“Asifuni ukuthi kuthiwe uZuma makehle ngoba udle imali. Akehle kahle esikhundle­ni sakhe. Akukhunjul­we ukuthi uZuma ungumnumza­ne owakhe endaweni yenkosi ngotshani, akahlonish­we. Ukuthi ngesikhath­i sakhe kwakhishwa uMbeki, uZuma akangene ndawo lapho,”

UNksz Thandeka Ngcobo (24) waseMsundu­ze, eNdwedwe, uthe akayekwe uZuma enze akubona kumfanele futhi uma kuwukuthi kuzohlakaz­wa iPhalamend­e makube njalo ukuze abantu bazikhethe­le uMengameli wabo.

UNksz Lungelo Ntombela (28) wase-Eastern Cape, eMthatha naye uthe akayekwe uMengameli kungaphulw­a amalungelo akhe.

“Akaqhubeke nehlandla lakhe uma kuwukuthi amaqembu aphikisayo ahlakaza iPhalamend­e makube njalo. Phela umanqoba yivoti,”

 ??  ?? UNKSZ NTOMBINI SIBIYA (56)
UNKSZ NTOMBINI SIBIYA (56)
 ??  ?? UNKSZ NTOMBIZIKH­ONA MKHAMKELWA (33)
UNKSZ NTOMBIZIKH­ONA MKHAMKELWA (33)
 ??  ?? UMNUZ MPANDE SIBIYA (40)
UMNUZ MPANDE SIBIYA (40)
 ??  ?? UMNUZ THABANI NZAMA (23)
UMNUZ THABANI NZAMA (23)
 ??  ?? UNKSZ THANDEKA NGCOBO (24)
UNKSZ THANDEKA NGCOBO (24)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa