Ikhwelo engqungqutheleni ekhuthaza ukufundwa kwazo zonke izilimi
KUKHUTHAZWA abantu baKwaZulu-Natal ukuthi bafunde nezilimi okungezona ezabo ukuze zihlonishwe ngokulingana.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko, uNkk Bongi Sithole-Moloi, obevula ingqungquthela yeLibraries, Languages, Archives and Museums (LLAM) izolo eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini.
Ungqongqoshe uthe alukho ulimi olungcono kunolunye, yingakho abantu kumele bazazi nezinye. Ukhale ngokuthi abakulesi sifundazwe bazibukela phansi ezinye izilimi bafune ukuphoqelela ukuthi kukhulunywe ezabo.
“Ingqungquthela izosiza njengoba abanye bengakwazi nokufunda. Sifuna ukuthuthukisa izindlela zokugcina umlando namagugu, sivuselele izilimi nokufundwa kwezincwadi,” kusho ungqongqoshe.
Uthe bakhiphe umyalelo wokuthi yonke imitapo yolwazi ibe nezincwadi ezibhalwe ngazo zonke izilimi. Kusungulwe nohlelo olubizwa ngeLearn Another Language lapho kukhuthazwa abantu ukuthi bafunde ezinye izilimi.
UNkk Sithole-Moloi uveze nokuthi ziningi izinhlelo umnyango onazo ukuthuthukisa ukufunda nokuqhakanjiswa kwezilimi.Uveze nokuthi bahlanganyele noMnyango wezeMfundo ukwenza imincintiswano yabafundi yokubhala. Kulo mncintiswano abafundi babhala izindatshana nezinkondlo abawinile bathole uR5 000 ukuze babhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme. Kukhona nomncintiswano wokubhala izindatshana obuwenziwe komasipala abangu-11. Umncintiswano ubuvuleleke nakwabasemajele. Izolo abawinile baklonyeliswe ngezitifiketi nangemali emkhakheni wokubhala ngesiZulu nangesiXhosa. Kuwine nababili abasemajele.
UMnuz Eric Apelgren oyiNhloko yezangaphandle kuMasipala weTheku, uthe kuhle ukuthi ingqungquthela iqondane nokugujwa kweminyaka engu-100 kaMnuz Nelson Mandela. Uthe umlando kaMandela ubungeke waziwe ukube bebengekho ababhali, imitapo yolwazi nezikhungo zamagugu.
“Abantu abasebenza kule mikhakha bayasiza ukusigcinela umlando osiza nezizukulwane ezizayo,” kusho u-Apelgren.
Ingqungquthela iphela kusasa.