Elikanogada ngesonto elizayo enkantolo
LIZOBUYELA ngesonto elizayo enkantolo icala likanogada waserenki yaseMasukwana, eMgungundlovu, okuthiwa wavulela ngenhlamvu ebhekise ematekisini amabili ngenxa yombango womzila okhona.
Unogada (32) ubevele enkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko icala lahlehliselwa isonto elizayo.
Kuthiwa emuva kokuthi evulele ngenhlamvu amatekisi alimala amawindi namathayi, asala embobombobo ngoMgqibelo.
Umshayeli (40) owayesetekisini ngesikhathi kudutshulwa kuthiwa walimala kanzima.
Isolezwe lithole ukuthi kunombango phakathi kwamatekisi aseHowick nawaseMgungundlovu.
Amatekisi aseHowick nawaseMgungundlovu asesifundeni esisodwa kodwa kuhlukene ososeshini – Zimeleni Taxi Association nePMB Long Distance.
Kuthiwa amatekisi asebenza umzila waseHowick yiwona anemvume yokuthutha kodwa awaseMgungungundlovu nawo asenayo imvume yize engenayo indawo yokuthulula uma efika eHowick.
Abanikazi bamatekisi aseMgungundlovu kuthiwa baveze ukuthi njengoba benemvume bazoqala ukusebenza kulo mzila. Abamatekisi aseHowick baya enkantolo bezama ukunqanda ukuthi awaseMgungundlovu angene emzileni wabo. Udaba lusesenkantolo.
NgoMgqibelo kuthiwa amatekisi aberenkile eMasukwane, eyaHowick, ngesikhathi kuvele kuqhuma isibhamu, unogada ogade umsebenzi edubula amatekisi.
Imenenja ehhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, uthe udaba bayalwazi futhi balusebenze kakhulu lwaze lwaya enkantolo.
“Ngokwesiyingi saseMgungundlovu udaba