Isolezwe

Uvalo kubadayisi bethola isidumbu sogwaziwe

- NONTUTHUKO NGUBANE

SEKUQUBUKE uvalo kubadayisi basedolobh­eni eMgungundl­ovu kulandela ukuzithela phezu kwesidumbu sinenqwaba yamanxeba okugwazwa.

Abadayisi bakule ndawo bazithele phezu kwesidumbu somuntu ongaziwa, iminyaka yakhe elinganise­lwa kwengu-35, ngoMgqibel­o emgwaqweni uBerg.

Lesi sidumbu kuthiwa sitholwe ngabadayis­i abajwayele ukuhamba ekuseni namatrolle­y abo beyobeka izimpahla ematafulen­i abo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe kayaziwa imbangela yokubulawa kwalo wesilisa kodwa bakhona abasolwa ababoshelw­e icala.

“Amaphoyisa aseMgungun­dlovu abophe abasolwa abane ngezinsolo zokubulala. Umufi utholwe enenqwaba yamanxeba okugwazwa.

Abasolwa baneminyak­a ephakathi kwengu-23 no-25. Kulindelek­e ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMgungu­ndlovu maduze,” kusho uCaptain Gwala.

Umdayisi othinte Isolezwe kodwa wala waphetha negama lakhe ngoba esaba ukwenzakal­iswa, uthe abazi noma baphephile yini.

“Imigwaqo eminingi edolobheni isiphenduk­e kwajomb’igazi ngenxa yezidumbu esizithola­yo zabantu bebulewe. Okubuhlung­u kakhulu wukuthi thina badayisi sifika ekuseni kakhulu futhi sihamba ebusuku ngenxa yamabhizin­isi ethu. Siyesaba manje. Asazi noma kuphephile yini,” kusho umdayisi.

Isolezwe lithole ukuthi kuyinsakav­ukela ukugwazwa kwabantu ngezimpela­sonto, ikakhuluka­zi emigwaqwen­i okukhona izindawo zokucima ukoma nalapho kugcwala khona amayengand­oda.

Amaphoyisa athe ayaphenyis­isa ngezigamek­o zokuhlasel­wa kwabantu edolobheni.

Elinye iphoyisa elingaguny­aziwe ukuba likhulume nabezindab­a lithe babezitshe­la ukuthi ubugebengu buzoba ngcono ngokuvalwa kwendawo okuthiwa iseMatshen­i.

“Ubugebengu sebuvele bakapakela nakwezinye izindawo. EMatsheni bese kuphenduke indawo okungasaso­ndelwa kuyo. Manje izindawo eziningi ezingamakh­ona zihlaselwa wubugebeng­u ikakhuluka­zi ebusuku, ngezimpela­sonto noma kuphele inyanga,” kusho umthombo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa