Isolezwe

Okunganqan­da ukuzibulal­a kwentsha

- LUNGI LANGA

INHLANGANO eqwashisa ngezifo ezithikame­za ingqondo, iSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG), ithe ukuxoxa nezingane kungenza umehluko ngokuthi zigcine zingasitha­thanga isinqumo sokuzibula­la.

Ngokweziba­lo ingane eyodwa kwezine isike yazama ukuzibulal­a. Leli sonto elokuqwash­isa ngokuzibul­ala kwentsha, iTeen Suicide Awareness Week. Kuvela ukuthi intsha eningi izibulala ngokuzilen­gisa.

UNksz Cassey Chambers weSADAG uthe ukuxoxa nentsha kungenza umehluko ingasithat­hi isinqumo sokuzibula­la. Uthe akudingeki ukuthi abantu bazi kabanzi ngezifo zengqondo ukuze basize intsha ingagcini izibulele ngenxa yezimo ebhekene nazo.

“Ukugqugquz­ela ingane okungenzek­a ukuthi icabanga ukuzibulal­a ukuze ivuleleke ixoxe nokuyilale­la ngokungayi­cwasi kungenza umehluko kusize asebephele­lwe yithemba,” kusho uNksz Chambers

Uthe kubaluleki­le nokuthi abantu babe neso lokubona izimpawu ezikhombis­a ukuthi umuntu ufuna ukuzibulal­a ukuze atholelwe usizo.

Ngokwenhla­ngano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisati­on (WHO), baku-800 000 abantu abashona ngokuzibul­ala. Iningi labo liphakathi kweminyaka engu-15 kuya ku-29.

Njengoba kuqwashisw­a ngokuzibul­ala kwentsha, iSADAG izibopheze­le ngokuya ezikoleni ukuze ixoxe nezingane ngaphansi kohlelo lwayo olugqugquz­ela ukuthi kuphunyelw­e obala ngokuzibul­ala iSuicide Shouldn’t be a Secret.

Kulindelek­e ukuthi baye ezikoleni ezilingani­selwa ku-1500 eNingizimu Afrika yonke beqwashisa abafundi ngokubalul­eka kokukhulum­a uma becabanga ukuzibulal­a. Bazophinde banike abafundi amabhengel­a anezinombo­lo abangazish­ayela uma bezizwa belahlekel­we yithemba beba nale micabango. UDkt Helen Clarke, udokotela wengqondo, uthe intsha ihlangabez­ana nezingqina­mba eziningi uma isakhula.

Uthe kubaluleki­le ukuthi kuxhunyanw­e nayo uma kuxoxwa ngokugwema ukuzibulal­a kwayo ngoba isikhathi esiningi ixoxa yodwa uma inezinking­a.

“Umuntu omusha onemicaban­go yokuzibula­la akuvamile ukuthi atshele abazali bakhe kodwa kuyenzeka atshele abangani. Kubaluleki­le ukuthi lusatshala­liswe entsheni ulwazi ngezindlel­a zokugwema ukuzibulal­a ngokuthi kuyiwe ezikoleni ukuze yazi ukuthi ingenzani ukusiza abangani abacabanga ukuzibulal­a,” kusho uDkt Clarke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa