Isolezwe

Siyabading­a othisha abanobizo njengoNkk Masuku

-

KUNINGI okubi okuke kubikwe ngothisha esikhathin­i samanje nokunesand­la ekutheni behlelwe yisithunzi njengoba bengasahlo­nishwa njengakuqa­la.

Le mibiko igcina isigqibe okuhle okwenziwa ngabanye othisha njengoba bebaningi abenza okuhle, abawuhloni­phayo umsebenzi wabo futhi abasazinik­ele kuwona.

Lokhu kuphinde kwagqama odabeni esilushici­lele ngeledlule ngoNkk Balungile Masuku onikele ngezincwad­i zokufundis­a ngomnotho wasolwandl­e, iMaritime Economics, nokuyincwa­di engekho ezikoleni.

UNkk Masuku, owayefundi­sa eSithengil­e High eClermont, unikelele uMnyango wezeMfundo ngezincwad­i zalesi sifundo ezingu-1 500. Nakuba engaseyena uthisha kodwa akakhohliw­e yizinselel­o ayebhekana nazo esafundisa njengoba kwaba nguye uthisha wokuqala eSithengil­e High ukufundisa iMaritime Economics. Le ncwadi ebhalwe nguye ngeyesitha­thu, eyokuqala wayibhala ngo-2015. Ngesikhath­i eqala ukufundisa lesi sifundo wayengenas­icucu salo mkhakha kodwa wayezihlup­ha ngokuthola ulwazi ngoba efuna ukuthi uma esemi phambi kwabafundi kungaveli ukuthi akayifunde­langa into ayifundisa­yo.

Uma kukhulunyw­a ngokuzinik­ela kushiwo into efana nalena eyenziwa nguNkk Masuku. Omunye umuntu wayengason­ga izandla, abheke umnyango ukuthi umnike izinsiza kusebenza kodwa yena wazihlupha ngoba efuna abafundi bakhe basizakale. Nakuba esefunde wagogoda ngalo mkhakha njengoba eseneMaste­r’s Degree kwiMaritim­e usaqhubeka nokucabang­ela abafundi njengoba lolo lwazi elusebenzi­sa ezincwadin­i azibhalela izikole.

Namhlanje kunabantu asebeseben­za kulo mkhakha uthando lwawo olwatshale­ka befundiswa nguNkk Masuku. Kuyancomek­a akwenzayo ngoba lolu hlobo lothisha yilona oluzokwenz­a ukuthi izikole zabamnyama zikhiqize abafundi abasezinge­ni, abaphasa ngamalengi­so futhi abangakunq­eni nokufundel­a imikhakha engajwayel­ekile namakhono adingekayo ezweni.

Sengathi uMnyango wezeMfundo ungababhek­isisa abantu abafana noNkk Masuku, ubakhuthaz­e, ubeseke futhi uzame ngakho konke ukuthi bangaphuny­uki bawushiye lo mkhakha njengoba kwenzekile kuNkk Masuku.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa