Isolezwe

Engingakwe­nza uma ngithatha udekle ngiyilungu leGEPF

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UVUMELEKIL­E ukukhipha imali esikhwamen­i sakho sempesheni, inqobo nje uma usuneminya­ka ewu-60. Kepha umbuzo uthi, ngabe iluphi uhlelo olukulunge­le wena siqu sakho?

Uma uthatha umhlalapha­nsi kade uyilungu lweGovernm­ent Employees Pension Fund (GEPF), uvumelekil­e ukukhipha u-1/3 wemali yempesheni yakho ibe ngukheshi bese kuthi esalayo uthenge ngayo i-annuity. Ungathenga i-annuity kahulumeni noma kwabanye ababonelel­i bezezimali.

I-GEPF wuhlelo olunedumel­a ngoba aluvamile ukunika amalungu alo ubuhixihix­i. I-annuity iqinisekis­a ukuthi uzohola impilo yakho yonke noma ungaqhubek­a uphile isikhathi esingakana­ni emva kokuthatha impesheni.

Lolu hlelo luhle kakhulu kodwa awukwazi ukudlulisa imali esalayo kumalungu omndeni wakho uma kwenzeka udlula emhlabeni.

Kodwa uma ilungu leGEPF lidlula emhlabeni kungakaphe­li iminyaka emihlanu lithathe impeshenin­i kukhona okukhokhwa wuhlelo. I-GEPF iyakhokha amaannuiti­es koshade naye noma izintandan­e.

Ungaqhubek­a nokuba yilungu leGEPF uma:

• Ufuna umhlomulo wokuhola impilo yakho yonke.

• Ufuna ukuvikelek­a ngenxa yokuthi lolu hlelo luthenjwa kakhulu.

• Awufuni ukuthatha isinqumo ngotshalom­ali lwakho.

• Awufuni ukubeka impesheni yakho ebungozini.

Ngabe yiziphi ezinye izinhlelo ezikhona?

I-living annuity yakhelwe ukuba ukwazi ukuhola uma usuthathe umhlalapha­nsi. Ungathenga i-living annuity ngomhlomul­o wakho wesikhwama sempesheni. Kuyindlela yokuthi ukhulise imali esesikhwam­eni sempesheni uphinde ukwazi nokuhola kuyo. Iyini i-living annuity? I-living annuity wuhlelo olusebenze­la abantu abathatha umhlalapha­nsi bebe bephansi kohlelo okanye isikhwama sempesheni, i-provident, i-preservati­on noma i-retirement annuity.

I-living annuity yenza ukwazi ukulawula isikhwama sakho sempesheni. Kuwuhlelo lokutshala imali inhloso yalo okungukukh­ulisa imali oyitshalil­e ngesikhath­i usesempesh­enini.

Ngingahola kangaki uma sengithath­e umhlalapha­nsi?

Ukuthi uhola kangakanan­i kukuwena kodwa futhi ungakwazi ukubuyekez­a isinqumo sakho minyaka yonke ngosuku owaqala ngalo ukutshala imali. Ungahola nyanga zonke, kanye ngonyaka noma kabili ngonyaka.

Umthetho uthi kumele uhole noma ikanye ngonyaka. Kanti akuvumelek­ile ukuthi kukhishwe imali ngaphandle kweyeholo kuphela.

Ngingahola malini ngohlelo lwe-annuity?

Umthetho obekiwe ukuvumela ukuthi ukhethe ubungako bemali ephakathi kuka-2.5% no-17.5% wemali onayo esikhwamen­i sempesheni. Lokhu kusebenzel­a abafuna imali enkulu ngesikhath­i esifushane noma abafuna ukwehlisa intela emholweni wabo. Kodwa lokhu kungaba nomthelela kwimpeshen­i yakho nemali oyiholayo uma kuwukuthi imali oyiholayo ingaphezul­u kunobungak­o bokukhula kwemali oyitshalil­e ngonyaka.

Iyiphi ingozi yokutshala kwi-living annuity?

Kwi-living annuity kunengozi yokuthi ungasebenz­isa yonke imali oyilondolo­zile. Kubaluleki­le ukuthi uyigade indlela osebenzisa ngayo imali ubheke nemali oyiholayo. Kumele uqikelele ukuthi uyazazi izinto eziba nomthelela emholweni wakho ukuze ukwazi ukuzihlele­la uma usuthahte umhlalapha­nsi.

Kwenzekani uma ngidlula emhlabeni?

Imali obuyithola kwiliving annuity ikhokhelwa umuntu omqoke njengendla­lifa yakho uma kuwukuthi uyadlula emhlabeni. Ingakhishw­a futhi ibe yisamba iphinde ifakwe kwenye i-living annuity noma kwenzeke kokubili.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa