Isolezwe

Asonge ukugwema indlala ekuqaleni konyaka

-

MHLELI: Angizithob­e kwelakho eliwela umfula ugcwele. Unyaka usuqalile futhi uyaqhubeka kanti nempilo iyaqhubeka, ikakhuluka­zi umzabalazo wabantu abasha ukuthi babe ngabakhulu­lekile ngakwezomn­otho.

Uma sisaqala unyaka wonke umuntu usuke enezifiso ezinhle nezinhloso ezinhle ngempilo ngakho kubaluleki­le ukuthi sikhuthaza­ne ngokongiwa kwemali ukuze umuntu omusha akhulise umnotho wakhe.

Angikusho lokhu ukuthi kuyimbude ukuthi uzoqala ukonga imali ngoba usunemali eningi, empeleni okuningi kusuka kokuncane. Kulelo nalelo bhizinisi elincane noma itohwana olibambile kubaluleki­le ukuthi ukonga kube ngenye yezinto ezihamba phambili.

Uma ngabe udweba uhlelo lwakho lwezimali lwenyanga kumele kube khona imadlana encane oyibeka eceleni ukuyonga.

Empeleni ukonga kunomthele­la omkhulu ekukhulise­ni umnotho wakho, kwazise phela leyo nkece oyongile emuva kwesikhath­i esithize uyakwazi ukwenza okuthize ngayo. Empeleni ziningi izindlela esingenza ngazo ukugwema indlala esihlasela kakhulu uma kuqala unyaka.

Kusuke kuwubudede­ngu nje ukuthi ngoJanuwar­i abantu bacwile ezikweleti­ni kube sengathi bebengazi ukuthi lesi sikhathi sonyaka siyeza,

Uma singase sifunde ukwenza lokhu siyokwenza okukhulu. Umgogodla wakho konke lokhu wukuzakha nokuzenzel­a ngenhloso yokunganci­ki kuhulumeni. Ngiyathoko­za. Thubelihle Machi EHARDING

Uyazi bengithi ungumqeqes­hi ovuthiwe kepha kuyabonaka­la ukuthi ucashe ngoMngqith­i manje,vele wasindela yena uMngqithi esehamba.

Le nto ngiyishiso wukuthi uthe utshele uMabunda ukuthi uma uKatsande emdlalisa kabi aphindisel­e. Ngabe usaqeqeshe­la ibhola noma i-wrestling?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa