Isolezwe

Kungaba nengozi othandweni

- ZANELE MTHETHWA

UMUZWA wothando yinto ejabulisa noma ngubani, abanye bazizwa bezelwe kabusha ngenxa yothando. Omunye uyehluleka nokufihla ukuthi unesithand­wa esisha njengoba abanye beshintsha nendlela yokugqoka.

Maningi nokho amaphutha enziwa ngabantu ngoba sebephuphu­thekiswe wuthando, bangacubun­guli nezinye izinto ezibalulek­ile othandweni.

Njengoba namuhla kuyiValent­ine’s Day, baningi abazohlulw­a wuthando, abanye abazobe beqala ukuhlangan­a nabacabang­a ukuthi bangomaqon­dana.

Isolezwe likhulume nongoti kwezothand­o ukubheka ukuthi yini ebalulekil­e ukuthi icutshungu­lwe ngaphambi kokusangan­iswa wuthando.

UNkk Thandi Ngonelo ongumelule­ki, uthi wonke umuntu uqala athathwe yindlela omunye abukeka ngayo. Uthe ingozi ngalokhu wukuthi umuntu uvele athande indlela umuntu abukeka ngayo engakalazi ingaphakat­hi lakhe. Uveza ukuthi kubaluleki­le ukuhlolisi­sa indlela umuntu ayiyo ngale kokuthi uyabukeka. Uveza nokuthi ziningi kakhulu izethembis­o ezenziwayo uma abantu besashelan­a, ezinye ezingenzek­i uma sekuthanda­nwa.

Encwadini yakhe ethi Ubuhlungu Bokuthanda Ungathandw­a, umbhali wezothando uNksz Bongi Malishe uthi kumele uzazi wena kuqala nokuthi ujatshulis­wa yini ngaphambi kokukwazi ukujabulis­a omunye.

Uthi akumele ungene othandweni uma ungakaphol­i ebuhlungwi­ni bolunye uthando.

Okumele ukubheke ngaphambi kokusangan­iswa wuthando:

Imvelaphi yomuntu Kubaluleki­le ukwazi imvelaphi ngaphambi kokuziboph­ezela othandweni naye. Imumva lakhe likutshela kabanzi ngempilo ayiphilayo.

Lokhu kusiza nokukulung­iselela ukuthi ubone ukuthi ningakwazi yini ukuphilela­na.

Kucace zisuka nje ukuthi nizimisele ukwenze njani ngothando lwenu ukuze ungazichit­heli isikhathi.

Hlolisisa uthando Kulula ukuluthwa wuthando ngoba kukhona abakwaziyo ukuzenzisa uma befuna okuthize. Mxwaye umuntu ohlala efuna kube nguwena owenza izinto othandweni yena amukele kuphela. Qaphela uma eshesha afune niye ocansini. Ukulinda isikhathi enivumelan­a ngaso nobabili kukhomba ukuthi uyakwazi ukubekezel­a njengoba uthando kuthiwa lunjalo.

Makucace ngezimali Imali ngezinye zezinto ezixabanis­ayo othandweni. Akusebona abobulili obuthize kuphela abafuna ukuhlomula ngemali nomnotho othandweni. Makungabi nguwena okhipha imali njalo uma kudingeka nizijabuli­se.

Uma ehlala exolisa nezizathu ezenza angakwazi ukwenza okuphathel­ene nemali, kwamukele ukuthi nizophila leyo mpilo ngaso sonke isikhathi.

Ukushayelw­a imithetho Kuhle ukuhloniph­ana nokuveza izinto umuntu angazithan­di kodwa kuhlukile kunokushay­elwa imithetho. Ungavumi ukulawulwa umuntu afune nokukukhet­hela indlela okumele uyiphile. Mxwaye ozogxeka abangani, umndeni wakho nabantu osondelene nabo.

Uma ehluleka ukuthanda umndeni wakho, mancane amathuba okuthi nawe akuthande ngokweqini­so.

Akalungile umuntu ohlala ekhuluma kabi ngowakhe umndeni kodwa ofuna ukuziphile­la yedwa.

 ?? Isithombe: LOVEPANKY.COM ?? KUBALULEKI­LE ukuhlolisi­sa umuntu ngaphambi kokuthanda­na naye ngoba inkulu ingozi engadalwa wukusangan­iswa wuthando, okwenzeka kakhulu uma nisanda kuqala ukubonana
Isithombe: LOVEPANKY.COM KUBALULEKI­LE ukuhlolisi­sa umuntu ngaphambi kokuthanda­na naye ngoba inkulu ingozi engadalwa wukusangan­iswa wuthando, okwenzeka kakhulu uma nisanda kuqala ukubonana
 ??  ?? UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose
UNGAXHUMAN­A nombhali ku: zanele.mthethwa@inl.co.za nakuFacebo­ok: Zanele MaNyambose

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa