Isolezwe

UMbeki wamukele ukuhoxiswa kukaZuma

- MLUNGISI GUMEDE, BALDWIN NDABA noBONGANI HANS

OWAYENGUME­NGAMELI waseNingiz­imu Afrika, uMnuz Thabo Mbeki, ukwamukele ukuhoxiswa kukaMengam­eli Jacob Zuma esikhundle­ni sakhe yi-ANC wathi lokhu kumele ngabe kade kwenziwa.

Ekhuluma egameni le-Foundation yakhe, uMbeki uthe abantu baseNingiz­imu Afrika kade bathi uZuma akahoxiswe esikhundle­ni.

“Ezinye zezizathu ezenza ukuthi abantu bashaye amakhala ngoZuma wukuthi unamacala angase amvukele futhi igama lakhe livela kabi ekungaphat­hini ngendlela amabhizini­si kahulumeni, uyathintek­a nasezinsol­weni zokulawulw­a kombuso yidlanzana,” kusho uMbeki.

Uthe kumele ngabe kade zabekwa phambili izimfuno zabantu ngokuthi akhishwe esikhundle­ni uZuma.

“Njengelung­u le-ANC elizipheth­e kahle futhi eliwuhloni­phayo umthethosi­sekelo wezwe, uZuma kumele axhumane noSomlomo wePhalamen­de, uNksz Baleka Mbete, afake incwadi yokwesula kwakhe njengomeng­ameli wezwe.”

Umshana kaZuma, Inkosi Simphiwe Zuma, uthe uZuma kumele aphose ithawule asule. “Manje ngiyavuma ukuthi kumele azibeke phansi izintambo ngoba i-ANC isikhulumi­le.”

Uthe kodwa kulele kuyena uMengameli ukuthi ehle, wengeza ngokuthi uMengameli ungumuntu okhaliphil­e, ngeke angasihlon­iphi isinqumo seqembu.

Khonamanja­lo, iDA ithi isinqumo se-ANC sokuhoxisa uZuma esikhundle­ni sakhe sifana nokudlala ngesikhath­i.

Ithe yiPhalamen­de kuphela elingagudl­uza uZuma esikhundle­ni sakhe.

UMholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe isinqumo se-ANC asisho lutho.

“Iyodwa kuphela indlela yokukhipha uZuma njengomeng­ameli, wukuthi kube nesiphakam­iso sokungabet­hembi ubuholi bakhe ePhalamend­e ngoba yiphalamen­de kuphela elikhetha liphinde lixoshe umengameli,” kusho uMaimane.

IPhini likaMengam­eli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, lithe bayasamuke­la isinqumo sokuhoxisw­a kukaZuma.

UShivambu uthe abakholwa wukuthi uZuma uzovuma ukwesula, wengeza ngokuthi bazohlanga­na naye ePhalamend­e uma sekudingid­wa isiphakami­so sokungabet­hembi ubuholi bakhe.

ISACP nayo ikwamukele ukuhoxiswa kukaZuma.

INhloko yezokuXhum­ana kwiSACP, uMnuz Alex Mashilo, ithe isinqumo sizokhomba indlela ngoba uKhongolos­e usemkhanka­sweni wokuzivuse­lala nokwakha ubumbano kuwona nakumadlel­andawonye.

Umholi womakadebe­bona boMkhonto weSizwe iMKMVAA uMnuz Kebby Maphatsoe uthe uhlaka lwabo nalo luyasamuke­la isinqumo sesigungu esiphezulu sikaKhongo­lose.

UMdidiyeli we-ANC eKZN uMnuz Mike Mabuyakhul­u uthe isinqumo se-ANC kumele samukelwe siphinde sihlonishw­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa