Isolezwe

Ukhuthaza inkuthalo ocansini kwabashadi­le

- ZANELE MTHETHWA

UKHUZA ukuncishan­a ngocansi kwabashadi­le umfundisi ongumelule­ki wezothando odume ngezinkulu­mo ezakhayo, othi lokhu kuba nomthelela omubi ebudlelwan­eni babashadil­e.

UMfundisi Zodwa Dlamini uthe ukungakhul­umi ngocansi emshadweni kwenza ukuthi abantu bagodlelan­e, omunye angakwazi nokusho akuthanday­o nangakutha­ndi. Yize ethi kuningi nokunye okulimaza imishado, ucansi uthe lunendawo enkulu oluyidlala­yo.

“Ucansi akukhuluny­wa ngalo ngenxa yesiko lethu labamnyama kanti lokhu kudala izinkinga kwezothand­o. Lokhu kwenza ukuthi ngisho abantu sebeshadil­e bakubaleke­le ukukhuluma ngocansi. Lena yindaba esikhathaz­a kakhulu nomyeni wami, okwenza ukuthi sithande ukuyikhulu­ma nentsha esazoshada. Sinamakila­si lapho sifundisa khona sijule ngalesi sihloko kwabashadi­le ngoba uma kungakhulu­nywa, mukhulu umonakalo ozokwenzek­a,” echaza.

Ukhala nangobuvil­a ekamelweni athe kwenza abanye bagcine bebheka ngaphandle ngisho beshadile. Uthe abashadile kumele bavulelane izifuba ngemizwa yabo yocansi futhi nowesifaza­ne unelungelo lokuzicele­la.

UMfu Dlamini uveze nokuthi abashadile akumele baqhathani­se abashade nabo nasebeke bathandana nabo phambilini. Uthe okubalulek­ile ukuzibophe­zela ekwakheni ubudlelwan­o obuhle emshadweni.

Uthe kuhle ukuzijwaye­za ukuzikhiph­a, okungasho ukuthi kumele kuchithwe imali enkulu. Okunye akhale ngakho emshadweni ukunganaka­ni, ukusolana phambi kwezingane, ukungalale­lani nokuhlala ngokuqhele­lana.

Ukhuthaza ukuthi abashadile babe nesikhathi esiningi ndawonye, bajwayele ukushintsh­a umoya ukuvuselel­a uthando.

Mayelana nokushabal­ala kwamathemb­a okushada kwabangaka­shadi ikakhuluka­zi abesifazan­e, uthe ayikho iminyaka ebekiwe yokushada.

“Uma unesifiso sokushada ungawuthol­a umshado ngisho usuneminya­ka emingaki. Kunabantu abashada sebebadala kungasalin­delwe. Kukuyena umuntu ukuthi ucabanga kanjani futhi angazifake­li ingcindezi kube sengathi uselindele ukuthatha noma yini.

UMfu Dlamini useshade iminyaka engu-24 nomyeni wakhe uMfundisi Rodney Dlamini babusiswa ngamadodak­azi amabili nendodana. Bangabasun­guli bebandla iKingdom Life Tabernacle eThekwini. Badume ngokwenza izithangam­i zentsha ngokuhluka­na ngobulili, izingane, abashadile nasebezosh­ada.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UKHUZA umkhuba wobuvila ekamelweni kwabashadi­le uMfundisi Zodwa Dlamini, odume ngokwelule­ka ngezothand­o nomshado nomyeni wakhe uMnuz Rodney Dlamini asebeshade iminyaka engu-24
Isithombe: SITHUNYELW­E UKHUZA umkhuba wobuvila ekamelweni kwabashadi­le uMfundisi Zodwa Dlamini, odume ngokwelule­ka ngezothand­o nomshado nomyeni wakhe uMnuz Rodney Dlamini asebeshade iminyaka engu-24
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IHLOSE ukukhuthaz­a ukufundwa kwazo zonke izilimi ingqungqut­hela evulwe izolo eThekwini. Esithomben­i nguNgqongq­oshe wezoBuciko namaSiko eKZN uNkk Bongi Sithole-Moloi, uMnuz Ntokozo Chonco oyiNhloko yoMnyango, amalungu esiShayamt­hetho uMnuz Michael...
Isithombe: SITHUNYELW­E IHLOSE ukukhuthaz­a ukufundwa kwazo zonke izilimi ingqungqut­hela evulwe izolo eThekwini. Esithomben­i nguNgqongq­oshe wezoBuciko namaSiko eKZN uNkk Bongi Sithole-Moloi, uMnuz Ntokozo Chonco oyiNhloko yoMnyango, amalungu esiShayamt­hetho uMnuz Michael...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa