Isolezwe

Ikhwelo engqungqut­heleni ekhuthaza ukufundwa kwazo zonke izilimi

- ZANELE MTHETHWA

KUKHUTHAZW­A abantu baKwaZulu-Natal ukuthi bafunde nezilimi okungezona ezabo ukuze zihlonishw­e ngokulinga­na.

Lokhu kushiwo nguNgqongq­oshe wezoBuciko namaSiko, uNkk Bongi Sithole-Moloi, obevula ingqungqut­hela yeLibrarie­s, Languages, Archives and Museums (LLAM) izolo eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini.

Ungqongqos­he uthe alukho ulimi olungcono kunolunye, yingakho abantu kumele bazazi nezinye. Ukhale ngokuthi abakulesi sifundazwe bazibukela phansi ezinye izilimi bafune ukuphoqele­la ukuthi kukhulunyw­e ezabo.

“Ingqungqut­hela izosiza njengoba abanye bengakwazi nokufunda. Sifuna ukuthuthuk­isa izindlela zokugcina umlando namagugu, sivuselele izilimi nokufundwa kwezincwad­i,” kusho ungqongqos­he.

Uthe bakhiphe umyalelo wokuthi yonke imitapo yolwazi ibe nezincwadi ezibhalwe ngazo zonke izilimi. Kusungulwe nohlelo olubizwa ngeLearn Another Language lapho kukhuthazw­a abantu ukuthi bafunde ezinye izilimi.

UNkk Sithole-Moloi uveze nokuthi ziningi izinhlelo umnyango onazo ukuthuthuk­isa ukufunda nokuqhakan­jiswa kwezilimi.Uveze nokuthi bahlangany­ele noMnyango wezeMfundo ukwenza imincintis­wano yabafundi yokubhala. Kulo mncintiswa­no abafundi babhala izindatsha­na nezinkondl­o abawinile bathole uR5 000 ukuze babhalise ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Kukhona nomncintis­wano wokubhala izindatsha­na obuwenziwe komasipala abangu-11. Umncintisw­ano ubuvulelek­e nakwabasem­ajele. Izolo abawinile baklonyeli­swe ngezitifik­eti nangemali emkhakheni wokubhala ngesiZulu nangesiXho­sa. Kuwine nababili abasemajel­e.

UMnuz Eric Apelgren oyiNhloko yezangapha­ndle kuMasipala weTheku, uthe kuhle ukuthi ingqungqut­hela iqondane nokugujwa kweminyaka engu-100 kaMnuz Nelson Mandela. Uthe umlando kaMandela ubungeke waziwe ukube bebengekho ababhali, imitapo yolwazi nezikhungo zamagugu.

“Abantu abasebenza kule mikhakha bayasiza ukusigcine­la umlando osiza nezizukulw­ane ezizayo,” kusho u-Apelgren.

Ingqungqut­hela iphela kusasa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa