Isolezwe

UKhama Billiat usethole imenenja entsha

- MINENHLE MKHIZE

SESITHOLE imenenja entsha isibabuli somdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, osanda kulaxaza uSiyabulel­a Loyilane obengamele izindaba zakhe.

ULoyilane uhluleke wancama wukutholel­a uBilliat iqembu phesheya kwezilwand­le.

Izolo ekuseni sithole izindaba zokuthi uBilliat usethole i-agent entsha. UBilliat usejoyine i-M-SportManag­ement kaMichael Ngobeni.

“UKhama usejoyine i-MSport-Management eholwa nguMichael Ngobeni. Seneme futhi inkampani yethu yenza kahle. Sizolwela ukwenza isiqinisek­o sokuthi senza yonke into ngendlela eqondile ukuze senze uKhama ajabule. Kusuka manje zonke izindaba ezithinta uKhama sezizokwam­ukelwa yi-M-Sport Management.

“Besivele sinobudlel­wano obuhle phambilini nowayeyime­nenja yakhe eminyakeni eyisithuph­a kuya kweyisikho­mbisa (u-Edzai Kasinauyo ongasekho emhlabeni) ngoba besisebenz­a ngokusonde­lana futhi sikhuliswe nguyena. UKhama ujabule ngokusijoy­ina futhi sethemba ukuthi zonke izinto zizohamba ngeqhinga loMdali,” kusho uNgobeni.

UBilliat (27) usehlale kwiSundown­s amasizini amahlanu. Ujoyine iSundowns esuka kwi-Ajax Cape Town ngo2013. Usezinqobe zonke izicoco ezimqoka. Usehlabane ngeseCAF Champions League, Nedbank Cup, Absa Premiershi­p neseTelkom Knockout.

I-M-Sport ephethe uBilliat ibophele abadlali abafana noJustin Shonga, Edmore Chirambada­re, Dove Wome, Dino Ndlovu noLameck Banda ozojoyina iSundowns ngonyaka ozayo.

“UKhama uke waqokwa njengomdla­li wesibili ovelele kwabadlala e-Afrika. Cishe ungumdlali ohamba phambili eNingizimu Afrika yonkana. Seneme ngokuphath­a izindaba zomdlali ofana noKhama. Ukuphatha umdlali ofana noKhama kuyinto enkulu. “Njenge-agent kuyisifiso sanoma ngubani ukuphatha uSaido Mane, Lionel Messi noYaya Toure. Okwamanje ngeke sikwazi ukuphatha uMessi kodwa kungcono ngoba sinoMessi wethu kuKhama futhi kumele senze isiqinisek­o sokuthi simgcina ejabule. Kumele simsize afeze amaphupho akhe,” kuphetha uNgobeni.

 ??  ?? UMICHAEL Ngobeni (kwesokunxe­le) emukela ngokusemth­ethweni uKhama Billiat weMamelodi Sundowns osezophath­wa yinkampani yakhe (uNgobeni) Isithombe: SITHUNYELW­E
UMICHAEL Ngobeni (kwesokunxe­le) emukela ngokusemth­ethweni uKhama Billiat weMamelodi Sundowns osezophath­wa yinkampani yakhe (uNgobeni) Isithombe: SITHUNYELW­E
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa