Isolezwe

Usekude ukubonakal­a ebhentshin­i uThobejane

- LUNGILE MAJOKA

UYOZE abonakale eqenjini uma eseqondisw­e ubugwegwe umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane, ngempelaso­nto okuvele ukuthi umisiwe ngenxa yokungazip­hathi kahle.

Iqembu libe seliveza ukuthi uMacDonald Makhubedu, wodumo lokudelela iKaizer Chiefs ngesizini edlule, nguyena ozobamba ebhentshin­i uma iqembu selidlala nePlatinum Stars namuhla.

Umdlalo oweNedbank Cup Last 32 kanti useRoyal Bafokeng Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Izolo imenenja yeBaroka, uMorgan Mammila igcizelele elokuthi uThobejane akahlangan­i neqembu kusukela emisiwe ngoLwesihl­anu olwedlule.

“Ngeke ngikwazi ukudalula ukuthi wenzeni. Leyo yindaba yangaphaka­thi. Kodwa yebo yena umisiswe. UMacDonald uzobamba nangempela­sonto uzobe esahleli ebhentshin­i,” kusho uMammila.

Ubekhuluma kanjena nje ngesikhath­i leli phephandab­a lithinta uMakhubedu. Ngokubanji­swa kwakhe isikhundla sikaThobej­ane, uthe: “Mina ngazi ukuthi uselivini uzobuya noma yinini uma esefuna. Empeleni yena ukhona ngoba kade ekhuluma noDoctor (Khumalo) ngohlelo lwabadlali abazosala (abangayi emdlalweni wanamuhla). Ayikho into engiyenzay­o angayazi.”

UMammila ebuzwa ukuthi acacise ngokuthi uThobejane uyafika yini emahhovisi eqembu njengoba emisiwe uthe akunjalo.

“Phela umuntu uma emisiwe, akazihlang­anisi neqembu. Usekhaya ngokwazi kwami. Asikalubek­i usuku lokuqulwa kwecala kodwa kungenzeka kube ngesonto elizayo.

Yilapho esiyoze simbone khona umqeqeshi uma esezovela ekomitini lokuqondis­wa ubugwegwe.”

Ube esegcizele­la elokuthi umsebenzi kaKhumalo eqenjini owokuba yinhloko yosomaqhin­ga. Bobabili bayiphikil­e eyokumiswa kwabadlali njengoba uMakhubedu ethe ngesikhath­i ekhuluma nephephand­a, ukaputeni u-Olaleng Shaku, ongomunye obekuvele ukuthi umisiwe, uhola iqembu ngomthanda­zo njengoba belungisel­ela ukuya eRustunbur­g.

UMakhubedu uyiphini likaThobej­ane. Ngesizini edlule wasusa umsindo egxeka iChiefs ngokuba yiqembu elibhedayo kade idlala ne-Acornbush ayeyiqeqes­ha kwiNedbank Cup Last 16. Wabuye waxolisa ngakusho.

Uthe njengakuyo­na yonke imidlalo iBaroka ngeke izithele ngabandayo kulo mqhudelwan­o.

“Igama leqembu linyuka ngezinkomi­shi. Nathi sizimisele ngokuyilwe­la. I-Platinum Stars iyiqembu eselinyuse izinga. Kuzomele nathi siqaphele sizimisele kulo mdlalo ngoba ubalulekil­e,” kusho uMakhubedu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weBaroka FC uKgoloko Thobejane usamile ukuqeqesha iqembu kuze kube uqondiswa izigwegwe
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weBaroka FC uKgoloko Thobejane usamile ukuqeqesha iqembu kuze kube uqondiswa izigwegwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa