Isolezwe

KUBI KUNALOKHO OBEKUCATSH­ANGWA NGO-KATSANDE

-

NGEMUVA kokulimala emdlalweni akhande kuwona amagoli amabili, isikhondla­khondla sesisu seKaizer Chiefs, uWillard Katsande, singase singabonak­ali isikhathi kuleli qembu emuva kokushayek­a kabi ebusweni. UKatsande uphuthunyi­swe esibhedlel­a ngeSonto ntambama kulandela ukushayeka kwakhe ebusweni edlalisana kabi noKnox Mutizwa weLamontvi­lle Golden Arrows. BekuyiNedb­ank Cup Last 32 lapho iChiefs inqobe ngo 3-0.

Ngesikhath­i uPotshoza ethinta iChiefs ngoMsombul­uko ukuzwa isimo salo mdlali, iqhawe lakho litshelwe ukuthi konke kuzocaca kusasa (esho izolo).

Izolo iChiefs ikuqinisek­isile ukuthi lo mdlali waseZimbab­we oneminyaka engu-32 ubudala uvaveke ithambo ebusweni, kuzodingek­a ukuthi ahlinzwe ukuze kulungiswe leli thambo. Lokhu kuchaza ukuthi ngeke adlale kule mpelasonto esiya kuyona uKatsande uma iChiefs isibhekene neCape Town City koweligi.

“Ufahlazeke ithambo ebusweni. Ngikhuluma nawe nje usesibhedl­ela lapho ezohlinzwa khona. Kuleli sonto sizolokhu simbheka nje ukubona ukuthi uyezwana yini nemithi azonikwa yona ukuze asheshe alulame,” kusho udokotela weChiefs uDave Milner kwi-webesite yeqembu.

Usengakuts­hela nje uPotshoza ukuthi uSteve Komphela angancamel­a ukumdlalis­a egqoke isivikela buso lo mdlali ngendlela amthanda ngayo ekubeni ekhona uWiseman Meyiwa noGeorge Maluleka naye osalimele. ngokugcwel­e.

Akuzange kwenzeke kwazise iChiefs imemezele ukuthi uLee Baxter oyindodana yomqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, nguyena osezokwenz­a lo msebenzi.

Ngokuthola kukaPotsho­za ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abalandeli beChiefs bawotha ubomvu ngalesi sinqumo abasichaza ngokungahl­oniphi amagalelo kaBaloyi kuMakhosi. Abalandeli uPotshoza azithele kubona bakhononde kakhulu ngendlela leli qembu eliphatha ngayo amaqhawe alo akudala. Babodwa abebemncen­ga ukuthi akayishiye phansi le ndaba yeChiefs ayinandaba namaqhawe ayo.

Osekhempni yeChiefs oxoxe noPotshoza izolo emini, utshele leli qhawe ukuthi uBaxter ulandwa nje yingoba kuvalwa isikhala sikaRovore­do ngakho-ke uBaloyi uzoqhubeka nokuba yiphini lomqeqeshi wonozinti.

“Angiqondi ukuthi iChiefs isebenza kanjani. Kungani bamqasha uBaloyi uma engawulung­ele lo msebenzi? Akusona isikhathi sokuthi kube nguyena opheka onozinti bethu manje? Ngeke baqambe amanga bathi uBaloyi usemncane ngoba umfana kaBaxter mncane kunoBaloyi,” kusho uThabotouc­hme.

“Nakho-ke! Le Chiefs yenu isikuphind­ile lokho ngokubukel­a phansi uBaloyi. Ngokunqoba nje imidlalo embalwa iChiefs isibone ukuthi isidlondlo­bele?” kusho uDreboy. Kwenzekeni kuBrian Baloyi? Uphi njengamanj­e njengoba iChiefs isilandela abantu esingabazi?” kusho ozibiza ngoCibanbe.

“Ukube ngiwuyena ngabe ngilandela uDoc Khumalo kwiBaroka ngoba kusobala ukuthi akadingeki,” kusho uSilvo Ledimo.

 ??  ?? MOGAU TSHEHLA
MOGAU TSHEHLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa