I-Bucs nejoka lokuqeda isinyama kwiNedbank

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

I-ORLANDO Pirates ihlalelwe wumthwalo wokuqeda isinyama kwiNedbank Cup. Leli qembu selifinyelele emidlalweni yamanqamu yeNedbank iminyaka emibili ilandelana.

Ngo-2015/2016, eZimnyama zithelwe othulini yiSuperSport United ngo 3-2 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo.

I-Pirates iphinde yakhala ngaphansi nangesizini edlule iqunjwa phansi yiSuperSport ngo 4-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, emdlalweni wamanqamu ngesizini edlule. EZimnyama ziphinde zaqala kahle ziguqisa i-Ajax Cape Town ngo 2-0 e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli, emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup ngempelasonto.

I-Pirates sekuphele amasizini amathathu nohhafu manje ingawini lutho. Kule sizini isivele isilahlekelwe yiTelkom Knockout. KwiMTN 8 ayizange idlale ngenxa yokuthi ngesizini edlule ihlulekile wukuzibekisela indawo kwiTop 8.

Embangweni wesicoco se-Absa Premiership, iPirates isele ngamaphuzu amahlanu kwiMamelodi Sundowns eqhwakele. Njengamanje isalelwe yimidlalo eyisishiyagalolunye okumele iqoqe kuyona amaphuzu bese ihlalela ethembeni lokuthi iSundowns iyaqhuzuka ukuze idle isicoco seligi.

Isicoco iPirates esethubeni lokusithola eseNedbank esifinyelele kuyona kowamanqamu amasizini amabili elandelana kodwa yabuya ilambatha kuwona womabili la masizini. Kusasa, ngo-7.30 ebusuku, amaqembu azotholana kwiLast 16 yeNedbank Cup azoqhathwa eSandton, eGoli.

I-Pirates igcine ukunqoba isicoco ngo-2013/2014 kusekhona uVladimir Vermezovic odabuka eSerbia. Ngo-2013/2014, iBucs yaqumba phansi iBidvest Wits ngo 3-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup.

Kusukela lapho iPirates ayikaze iphinde inqobe isicoco futhi ayiqali ukudonsa isikhathi eside ngaphandle kwesicoco. Ngaphambi kokuthi inqobe isicoco seMTN 8, eThekwini ngo2010/2011 iqede iminyaka engu10 ihlulwa wukunqoba isicoco somkhumulajezi.

Nokho ngemuva kokuqeda lesi sinyama iPirates iqophe umlando inqoba izicoco eziyisithupha kumasizini amabili. Kusukela ngo-2010/2011, alikho iqembu eselifinyelele emidlalweni eminingi yamanqamu njengePirates.

Kule minyaka eyisishiyagalombili edlule iPirates isifinyelele emidlalweni engu-11 yamanqamu. Inqobe emihlanu yashaywa kweyisithupha. Inqobe izicoco ezimbili zeNedbank Cup, ezimbili zeMTN8 neseTelkom Knockout.

I-Bucs idliwe kabili kowamanqamu weNedbank Cup, yathola isibhaxu kwiCAF Champions League, CAF Confederation, MTN8 neTelkom Knockout.

Imidlalo yeLast 32 esele ezodlalwa namuhla imi kanje:

Free State Stars v Super Eagles (Goble Park, 6pm); Richards Bay v Bloemfontein Young Tigers (Umhlathuze Sports Complex, 3.30pm); Platinum Stars v Baroka FC (Royal Bafokeng Sports Palace, 7.30pm); Stellenbosch v Highlands Park (Athlone Stadium, 7.30pm).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.