Usekude ukubonakala ebhentshini uThobejane
UYOZE abonakale eqenjini uma eseqondiswe ubugwegwe umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane, ngempelasonto okuvele ukuthi umisiwe ngenxa yokungaziphathi kahle.
Iqembu libe seliveza ukuthi uMacDonald Makhubedu, wodumo lokudelela iKaizer Chiefs ngesizini edlule, nguyena ozobamba ebhentshini uma iqembu selidlala nePlatinum Stars namuhla.
Umdlalo oweNedbank Cup Last 32 kanti useRoyal Bafokeng Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Izolo imenenja yeBaroka, uMorgan Mammila igcizelele elokuthi uThobejane akahlangani neqembu kusukela emisiwe ngoLwesihlanu olwedlule.
“Ngeke ngikwazi ukudalula ukuthi wenzeni. Leyo yindaba yangaphakathi. Kodwa yebo yena umisiswe. UMacDonald uzobamba nangempelasonto uzobe esahleli ebhentshini,” kusho uMammila.
Ubekhuluma kanjena nje ngesikhathi leli phephandaba lithinta uMakhubedu. Ngokubanjiswa kwakhe isikhundla sikaThobejane, uthe: “Mina ngazi ukuthi uselivini uzobuya noma yinini uma esefuna. Empeleni yena ukhona ngoba kade ekhuluma noDoctor (Khumalo) ngohlelo lwabadlali abazosala (abangayi emdlalweni wanamuhla). Ayikho into engiyenzayo angayazi.”
UMammila ebuzwa ukuthi acacise ngokuthi uThobejane uyafika yini emahhovisi eqembu njengoba emisiwe uthe akunjalo.
“Phela umuntu uma emisiwe, akazihlanganisi neqembu. Usekhaya ngokwazi kwami. Asikalubeki usuku lokuqulwa kwecala kodwa kungenzeka kube ngesonto elizayo.
Yilapho esiyoze simbone khona umqeqeshi uma esezovela ekomitini lokuqondiswa ubugwegwe.”
Ube esegcizelela elokuthi umsebenzi kaKhumalo eqenjini owokuba yinhloko yosomaqhinga. Bobabili bayiphikile eyokumiswa kwabadlali njengoba uMakhubedu ethe ngesikhathi ekhuluma nephephanda, ukaputeni u-Olaleng Shaku, ongomunye obekuvele ukuthi umisiwe, uhola iqembu ngomthandazo njengoba belungiselela ukuya eRustunburg.
UMakhubedu uyiphini likaThobejane. Ngesizini edlule wasusa umsindo egxeka iChiefs ngokuba yiqembu elibhedayo kade idlala ne-Acornbush ayeyiqeqesha kwiNedbank Cup Last 16. Wabuye waxolisa ngakusho.
Uthe njengakuyona yonke imidlalo iBaroka ngeke izithele ngabandayo kulo mqhudelwano.
“Igama leqembu linyuka ngezinkomishi. Nathi sizimisele ngokuyilwela. I-Platinum Stars iyiqembu eselinyuse izinga. Kuzomele nathi siqaphele sizimisele kulo mdlalo ngoba ubalulekile,” kusho uMakhubedu.