KUBI KUNALOKHO OBEKUCATSHANGWA NGO-KATSANDE
NGEMUVA kokulimala emdlalweni akhande kuwona amagoli amabili, isikhondlakhondla sesisu seKaizer Chiefs, uWillard Katsande, singase singabonakali isikhathi kuleli qembu emuva kokushayeka kabi ebusweni. UKatsande uphuthunyiswe esibhedlela ngeSonto ntambama kulandela ukushayeka kwakhe ebusweni edlalisana kabi noKnox Mutizwa weLamontville Golden Arrows. BekuyiNedbank Cup Last 32 lapho iChiefs inqobe ngo 3-0.
Ngesikhathi uPotshoza ethinta iChiefs ngoMsombuluko ukuzwa isimo salo mdlali, iqhawe lakho litshelwe ukuthi konke kuzocaca kusasa (esho izolo).
Izolo iChiefs ikuqinisekisile ukuthi lo mdlali waseZimbabwe oneminyaka engu-32 ubudala uvaveke ithambo ebusweni, kuzodingeka ukuthi ahlinzwe ukuze kulungiswe leli thambo. Lokhu kuchaza ukuthi ngeke adlale kule mpelasonto esiya kuyona uKatsande uma iChiefs isibhekene neCape Town City koweligi.
“Ufahlazeke ithambo ebusweni. Ngikhuluma nawe nje usesibhedlela lapho ezohlinzwa khona. Kuleli sonto sizolokhu simbheka nje ukubona ukuthi uyezwana yini nemithi azonikwa yona ukuze asheshe alulame,” kusho udokotela weChiefs uDave Milner kwi-webesite yeqembu.
Usengakutshela nje uPotshoza ukuthi uSteve Komphela angancamela ukumdlalisa egqoke isivikela buso lo mdlali ngendlela amthanda ngayo ekubeni ekhona uWiseman Meyiwa noGeorge Maluleka naye osalimele. ngokugcwele.
Akuzange kwenzeke kwazise iChiefs imemezele ukuthi uLee Baxter oyindodana yomqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, nguyena osezokwenza lo msebenzi.
Ngokuthola kukaPotshoza ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli beChiefs bawotha ubomvu ngalesi sinqumo abasichaza ngokungahloniphi amagalelo kaBaloyi kuMakhosi. Abalandeli uPotshoza azithele kubona bakhononde kakhulu ngendlela leli qembu eliphatha ngayo amaqhawe alo akudala. Babodwa abebemncenga ukuthi akayishiye phansi le ndaba yeChiefs ayinandaba namaqhawe ayo.
Osekhempni yeChiefs oxoxe noPotshoza izolo emini, utshele leli qhawe ukuthi uBaxter ulandwa nje yingoba kuvalwa isikhala sikaRovoredo ngakho-ke uBaloyi uzoqhubeka nokuba yiphini lomqeqeshi wonozinti.
“Angiqondi ukuthi iChiefs isebenza kanjani. Kungani bamqasha uBaloyi uma engawulungele lo msebenzi? Akusona isikhathi sokuthi kube nguyena opheka onozinti bethu manje? Ngeke baqambe amanga bathi uBaloyi usemncane ngoba umfana kaBaxter mncane kunoBaloyi,” kusho uThabotouchme.
“Nakho-ke! Le Chiefs yenu isikuphindile lokho ngokubukela phansi uBaloyi. Ngokunqoba nje imidlalo embalwa iChiefs isibone ukuthi isidlondlobele?” kusho uDreboy. Kwenzekeni kuBrian Baloyi? Uphi njengamanje njengoba iChiefs isilandela abantu esingabazi?” kusho ozibiza ngoCibanbe.
“Ukube ngiwuyena ngabe ngilandela uDoc Khumalo kwiBaroka ngoba kusobala ukuthi akadingeki,” kusho uSilvo Ledimo.