Uzishaya isifuba uyise ka-Moon
UMGADLI weKaizer Chiefs, uRyan Moon, kubhekwe ukuthi ephule inqwaba yamarekhodi kuMakhosi nakwiBafana Bafana.
Lokhu kuvele ngesikhathi leli phephandaba lixoxa noyise uPatrick Moon. URyan (21) uvutha engabaselwe kulezi zinsuku phambili kwamapali.
Kule sizini ka-2017/2018, uMoon useqale imidlalo emine yaMakhosi washaya amagoli amathathu kweyeligi. Emidlalweni yeligi useqale emine, kwemibili wangena esuka ebhentshini.
Ungqofele enethini igoli elimqoka, iChiefs idlala ngokulingana ngo 1-1 neBidvest Wits eBidvest Stadium. Kusenjalo waphinda wabhakuzisa inethini ngelinye. Amakhosi eguqisa iBaroka FC ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium.
Akagcinanga lapho kwazise ushaye elinye elimqoka iChiefs ihlula iPolokwane City ngo 2-1 emdlalweni weligi. UMoon uphinde wathola elinye igoli ngempelasonto iChiefs iguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 3-0 kwiLast 32 yeNedbank Cup eFNB Stadium, eSoweto, eGoli.
“URyan ungumgadli wokuzalwa. Kusukela emncane ubedle ngokushaya amagoli. Uqale ukudlala ibhola eneminyaka eyisithupha.
Uma ngibanjwe ngumsebenzi ubehamba nonina ngempelasonto. Ubezifela ngomfowabo Bryce.
“UBryce ngumuntu akhule ebukela kuyena futhi uhlale emeluleka ngaso sonke isikhathi.
Uhlale esho ukuthi ufuna ukuzuza okungaphezu kukaBryce. Usazokwephula inqwaba yamarekhodi. Angisho kwiChiefs kuphela kodwa nakwiBafana Bafana.
Inkinga anayo wukuthi uyalimala. Uma engase angalimali njalo uzophula amarekhodi amaningi,” kusho uyise kaRyan.
URyan uzalwa nowayeyinsika yeBafana uBryce, odlale imidlalo engu-17 washaya igoli elilodwa kwiBafana. Udlale emaqenjini amakhulu okubalwa kuwona iBidvest Wits, Mamelodi Sundowns neSuperSport United.
Uke wadlala nakwi-Ajax Cape Town, Lamontville Golden Arrows, Platinum Stars nakwiMpumalanga Black Aces. Phesheya kwezilwandle ugijime ezinkunzini zaseGreece iPanathinaikos.
“Kuyangijabulisa ukubona amadodana ami enza kahle esigabeni esikhokhelayo. UBryce wenze kahle kakhulu ngoba udlalile emaqenjini amakhulu, phesheya kwezilwandle nakwiBafana.
“UNkulunkulu uyasikhombisa ukuthi mkhulu kangakanani. Besihlale sibeseka ngaso sonke isikhathi. Umndeni wami uyazifela ngezemidlalo.
“Nami ngikhule ngidlala ibhola. URyan uziphethe kahle. Ugxile emsebenzi wakhe futhi ngeke ashintshe ngoba siyameluleka nomfowabo uBryce uyameluleka. Unina akaphuthwa ngisho wumdlalo owodwa uma bedlala ekhaya.
Uhlale ekhona enkundleni. Thina siyaye sibambeke noBryce ngoba sisuke sibheke amabhizinisi,” kusho uPatrick.
URyan ubanga ijezi noLeonardo Castro, Gustavo Paez noBernard Parker kuMakhosi phambili. Usedlale imidlalo emithathu kwiBafana washaya amagoli amabili.