Okuvezwe owakwa-Exxaro ekomitini lePhalamende
OWAYEYISIKHULU esiphezulu e-Eskom, uMnuz Brian Molefe, nowayephethe izimali kule nkampani, uMnuz Anoj Singh, sekuvele ukuthi bavalela ngaphandle inkampani i-Exxaro ukuze amathenda atholwe yizinkampani zakwaGupta. Izolo, isikhulu esiphezulu sakwa-Exxaro, uMnuz Mxolisi Mgojo, sitshele ikomiti eliphenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ukuthi izinkontileka zabo ne-Eskom zahoxiswa sekuphethe uMolefe ngo-2015. UMgojo uziphikile izinsolo zikaSingh zokuthi kwakufanele kukhokhelwe inkampani yakwaGupta uR600 million eyathenga ngawo imayini yamalahle i-Optimum.
Uthe babengakaze bakhokhelwe imali ngaphambi kokwenza umsebenzi futhi ubeqala ukuzwa ngohlelo lokukhokhelwa kwenkampani imali ngaphambi kokusebenza ngesikhathi iTegeta (okuyinkampani yakwaGupta) inikwa uR600 million.
Uveze ukuthi uSingh wakhohlisa iPhalamende echaza ngohlelo lokukhokhelwa kwenkampani ingakawenzi umsebenzi.
Uthe i-Eskom ibibakhokhela ngokuqinisekisa ukuthi izimayini zisebenza kahle ukuze le nkampani ingaphelelwa ngamalahle. “Thina besikhokhelwa uma sesiwenzile umsebenzi wethu. Ayikho le ndaba kaSingh yokuthi izinkampani zikhokhelwa zingakawenzi,” kusho uMgojo.
Uthe i-Eskom yahoxisa izinkontileka zabo yize babeyidayisela amalahle ngamanani aphansi kodwa yathenga amalahle enkampani yakwaGupta ayebiza kakhulu.
Lokhu kucasule amalungu ePhalamende ayebuze noNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi, uMnuz Mosebenzi Zwane, ukuthi wayethuleleni kuhoxiswa izinkontileka ze-Exxaro e-Eskom. Ilungu le-ANC ePhalamende, uMnuz Mondli Gungubele, uthe badinga ukubiza izikhulu zakwa-Eskom ukuze zichaze ngombiko we-Exxaro.
“Njengoba ngilalele lobu bufakazi ngicabanga ukuthi kumele sibize ezinye izikhulu esasizibizile kodwa zangakuveza lokhu okushiwo yi-Exxaro,” kusho uGungubele.
UMnuz Steve Swart, we-ACDP, uthe kuyamangaza ukuthi uZwane wathula ngesikhathi ecelwa yi-Exxaro ukuthi angenelele. Uthe uZwane wayematasa eSwitzerland ekhuluma nabaseGlencore ukuze abakwaGupta bathenge imayini yabo i-Optimum eyaholela ekudilizweni kwabasebenzi base-Exxaro abangu-1 500.
“Njengommeli angikaze ngizwe kuthiwa inkampani kahulumeni inikeza enye inkampani ezimele imali yokuthenga enye njengoba abakwa-Eskom banika iTegeta uR600 million,” kusho uSwart.
UMnuz Marshall Dlamini we-EFF uthe badinga ukuthi abakwaGupta beze ePhalamende bazoziphendulela.
Uthe miningi imibuzo okufanele iphendulwe ngabakwaGupta emuva kokuvela kokuthi izinkampani zabo bezihlomula kuhulumeni.