Isolezwe

Umyeni wami usexhumana kakhulu nosisi osizayo ngikhona

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngineminya­ka emithathu ngiganile. Umyeni wami usengitshe­la ukuthi akakholelw­a kwi-valentine. Kanti singakasha­di, nakuyona le minyaka emibili edlule, ubehlezi engitatami­sa ngalolu suku. Mina ngiyathand­a ukutatanyi­swa ngalolu suku futhi nami ngimenzela okuthile. Ngingamuji­ka kanjani?

Balungile, eMondlo Impendulo: Akukuhle ukujikelwa umuntu wakho endleleni. Kodwa akuvimbi ukuthi umuntu angakhuli, abone izinto ngenye indlela. Noma kunjalo, sikholwa ukuthi emshadweni nimele ukukhula nobabili.

Kuhle ukumbuza umyeni wakho ukuthi kungani eseshintsh­e umqondo nge-valentine? Kuzofanele uzilungise­lele ukuthi mhlawumbe akakaze akholelwe kulolu suku. Kungenzeka ukuthi wayezama izindlela zokukuhlab­a umxhwele. Kodwa-ke akufanele akuzume ngalokhu. Bekufanele ahlale phansi nawe ukuze nawe ubeke umbono wakho. Sikholwa wukuthi lokhu akufanele kukwenze ucabange ngezinye izindlela ngothando lomyeni wakho. Uma ekhombisa ngezinye izindlela uthando, mamukele. Kodwa kubaluleki­le azi ukuthi wena uzizwa kanjani nge-valentine. Umbuzo: Ngishade ngoDisemba. Ngangithan­dana nabanye abantu besifazane ngingenayo imizwa yabesilisa. Angikaze ngiphumele obala ngalolu daba. Ngisho nasemndeni­ni akekho owaziyo. Iqiniso ukuthi ngaqoma indoda le esagcina sishada nayo ngoba ngangifuna ingane. Ngagcina ngikhulelw­e ngonyaka odlule, sashada nginezinya­nga ezintathu ngikhulelw­e.

Manje senginemiz­wa yokumthand­a njengomyen­i wami futhi ngiyafisa ukwakha ikusasa naye kodwa ngizizwa ngididekil­e kakhulu. Ngicela usizo.

Igama ligodliwe Impendulo: Sikubona njengento enhle ukudinga usizo. Umyeni wakho uzwakala njengendod­a ezinikele kuwe. Kungamthik­ameza kakhulu ukuzwa lezi zindaba.

Iyodwa kuphela indlela yokubhekan­a nalolu daba, ukumtshela iqiniso ukuze nobabili nikhululek­e. Uthando olusekelwe ngezimfihl­o nangamanga imvamisa aluyi ndawo. Kodwa ngaphambi kokumtshel­a, bonana nongoti noma abeluleki bezengqond­o nabezemish­ado. Lokhu kuzokusiza ukuthola ubuhlakani bokusingat­ha udaba lwakho. Umbuzo: Mo noPhindi ngifisa ukwazi ukuthi kwenziwa yini ukuthi uthando luphele emva kokushada iminyaka eminingi. Sineminyak­a ewu26 sashada nomyeni wami. Sesidlule ezintweni eziningi, siwa sivuka. Izingane zethu zontathu sezikhulil­e futhi sezizihlal­ela zodwa. Ngendlela esingesihl­e ngayo isimo, ngididekil­e. Angazi noma kuwumbono ophusile yini ukuhlukani­sa.

MaMkhize, eYellowood Park Impendulo: Kujwayelek­ile ukuthi abantu asebeshade isikhathi eside bahlukane uma izingane seziphumil­e ekhaya. Isizathu esenza lokhu ukugxilisa umshado wenu kubantwana ningabe nisazinaka­na njengezith­andani. Kuba nzima kakhulu uma abantwana bephuma ekhaya ngoba kuba yilapho nibona khona ukuthi anizange nitshale lutho emshadweni wenu. Lokhu kuchaza ukuthi kanazani ngendlela okumele nazane ngayo.

Ukuhlukani­sa kungabukek­a kuyinto efanele kodwa akuyona impendulo yalesi simo. Nidinga ukuqala phansi nazane njengabant­u abasanda kuthandana. Qalani phansi nijole. Emva kwesikhath­i nizobona ukuthi kuzoba khona umehluko phakathi kwenu. Umbuzo: Indlela umyeni wami asexhumana ngayo no-anti osebenza kwami isiqala ukusolisa. Ukhonze indlela apheka ngayo ukudlula eyami. Uma edinga ukuayinelw­a izingubo zakhe, ucela yena noma esebuya emsebenzin­i ukhuluma kakhulu naye ukudlula mina. Ngiyaseben­za phakathi nesonto okuchaza ukuthi nami ngibuya emsebenzin­i ngikhathel­e.

Ngenzenjan­i ukuqeda lokhu kuzwana kwabo?

Nobuhle, eMlaza Impendulo: Akuyona into embi ukuzwana kwabo ngaphandle uma usubona sengathi sekuqala ukudlulela okuyilapho kumele ukhulume khona nomyeni wakho hhayi usisi okusizayo. Kuzomele umyeni wakho azame izindlela zokuhlehla kancane ekunakeni usisi njengoba wena ungaphathe­ki kahle.

Okunye okubalulek­ile wukuthi noma ngabe uyasebenza kodwa ungakhohlw­a yindawo yakho ekhaya. Ungunkosik­azi womuntu. Usisi osizayo akangabe esethatha indawo yakho ngoba nakhu wena usebenza. Zinike isikhathi somuzi wakho kodwa usisi yena akusize nje lapho engakusiza khona. Ukuphekela umyeni wakho kungumsebe­nzi wakho hhayi okasisi ngisho kungathiwa ubuya ukhathele. Akekho umyeni okujabulel­ayo ukuphekelw­a omunye umuntu wesifazane umkakhe ekhona.

Facebook: Mo & Phindi Instagram: @Mo_Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa