Isolezwe

Ukholwa wukuthi iBucs isengaqhwa­kela

- ZAKHELE XABA

OWAYENGUMG­ADLI we-Orlando Pirates, uRudzani Ramudzuli, ukholwa wukuthi leli qembu lisengayip­huca iqatha emlonyeni iMamelodi Sundowns, liwine isicoco se-Absa Premiershi­p ngesizini yokuqala yomqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic.

URamudzuli udlalele iPirates phakathi kuka-2007 no-2009. Uphanyeke amakhokho emgibeni ngo-2010 eseyibamba kwiSuperSp­ort United.

Ungomunye wabadlali abasayine kwiPirates kubhekwe lukhulu kubona eminyakeni edlule kodwa behluleka ukuzakhela igama.

Ubengomuny­e wabenza izifundo zokuqeqesh­a iD Licence, ohlelweni lweSAB League Coaching Course, eHigh Perfomance Centre, ePitoli, izolo.

EZimnyama zisendawen­i yesibili kwi-log yePremiers­hip ngamaphuzu angu-33. Zisele ngayisihla­nu kwiSundown­s

“Ngisayilan­dela iPirates futhi ngisayitha­nda. Ebholeni konke kungenzeka, kuncike emiphumele­ni. Kodwa kufanele bagxilise imiqondo yabo kweyabo imidlalo. Basenalo ithuba lokuyidlul­a iSundowns. Lapha sikhuluma ngamaphuzu ayisihlanu. Uma bewina emibili, iSundowns, ishibilika, sizobe sesikhulum­a okunye,” kusho uRamudzuli.

“Ngisajabul­e ngendlela abadlala ngayo nomqeqeshi ofike wabashints­hanisa abadlali ngoba kumayelana nokuthi wenzani enkundleni. Njengomdla­li ukuthi wenze kahle emdlalweni odlule akusebenzi. Lokhu kuyinto enhle eqenjini elinabadla­li abasebanca­ne njengePira­tes. Uma abadlali abasebanca­ne ungabashin­tshanisi bayajwayel­a bagcine sebezibona bephezulu. Uma ungazinike­li uyazi ukuthi kukhona ongangena adlale endaweni yakho. Yilokho okwenza badlale kahle ngale ndlela.”

UMicho ubelokhu elishumaye­la ivangeli lokuthi kufanele bazibheke bona kunokuqala­za okwenzeka “kwamakhelw­ane”. Ngesonto eledlule uthe sesidlulil­e isikhathi sokuthi basabeka isisekelo kodwa sekufanele bakhombise ukuthi bayiqembu elikhulu.

URamudzuli uqeqesha kwiDSD Academy nakwiSAB League ePitoli.

“Okwamanje ngisabekel­ela kulokhu enginakho. Uma izinto zihamba kahle ngifuna ukuqeqesha kwiPSL (Premier Soccer League) eminyakeni eyisihlanu ezayo. Ngidinga ukuqeqesha ezingeni eliphezulu,” kuphetha uRamudzuli. IPirates ayinawo umdlalo kule mpelasonto. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p: Kusasa: Maritzburg United v AmaZulu FC (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Golden Arrows v Bidvest Wits (Princess Magogo Stadium, 3.30pm); Baroka FC v Chippa United (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Cape Town City FC (FNB Stadium, 8.15pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ufike noshitsho eqenjini selokhu kuqale isizini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ufike noshitsho eqenjini selokhu kuqale isizini
 ??  ?? RUDZANI RAMUDZULI
RUDZANI RAMUDZULI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa