Isolezwe

Izinkakha zomhlaba nezimfijol­i

- CHARLES KHUZWAYO

KULINDELEK­E ukuthi babheme bakholwe abathandi bezimfijol­i ne-opera edilini lalo mculo elibizwa ngeKZN Philharmon­ic 2018 Summer Season ePlayhouse Opera, Theatre eThekwini, kusukela ngoFebhuwa­ri 22.

Lolu chungechun­ge lwamakhons­athi olubophele izinkakha zamazwe ngamazwe futhi oluzophoth­ulwa ngoMashi 15 luzobe lwenzeka ngoLwezine ngo-7.30 ebusuku.

Ingwazi yaseThekwi­ni uBongani Tembe, eyiNhloko enguMqondi­si wezobuCiko ezikhungwe­ni ezimbili iKZN Philharmon­ic Orchestra neJohannes­burg Philharmon­ic Orchestra, ithe isizini yakulo nyaka izokwethul­wa njengedili lomculo we-orchestra elibizwa ngeWorld Symphony Series (WSS) eyasungulw­a eThekwini eminyakeni engu-22 eyedlule.

“Ngijabule kakhulu ukuqhubeka nalo mcimbi osudumile iWSS kula ma-orchestra ukwenza isiqinisek­o sokuthi siheha ababhidi nabaculi bamazwe ngamazwe, beshiyelan­a inkundla namaciko akuleli, emakhonsat­hini ethu aseThekwin­i naseGoli.

Ezihlabani­ni ezidume umhlaba wonke okulindele­ke ukuba zihambele la makhonsath­i kubalwa umbhidi ongumakade­bona odabuka kwaIsrael kodwa osezinze e-USA uDaniel Boico, umdlali wophiyano wase-Ukraine u-Anna Dmytrenko, umbhidisi odabuka eCanada uKwamé Ryan, umbhidi waseNether­lands u-Arjan Tien, umculi ozinze kuleli uDaniel Röhn, Arjan Tien, uyise nendodana uMax Baillie (violin) no-Alexander Baillie (cello). Kwelinye igumbi lasePlayho­use elibizwa nge-Alhambra Room kuzoba nomcinjana ozobe uhambisana nokuhlomis­ana ngolwazi ngoLwesine phakathi kuka-6 no-6.40 ntambama okungenwa ngoR15.

Ngo-10 ekuseni kuzoba neSymphony Season Thursday ePlayhouse Opera Theatre, kungenwa kuyo ngoR35 abadala noR15 abafundi, okuyimali ebandakany­a nenkomishi yetiye noma yekhofi. Lokhu kuzilolong­a kokugcina kusiza abafundi ukuba bazi ngokuthi kusuke kwenzekani emakhonsat­hini nokujabuli­sa amaqembu asemphakat­hini nezaguga ezihlala emakhaya nabantu asebathath­a umhlalapha­nsi.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? I-KZN Philharmon­ic Orchestra izobe idlala izimfijoli ePlayhouse Opera Theatre
Izithombe: ZITHUNYELW­E I-KZN Philharmon­ic Orchestra izobe idlala izimfijoli ePlayhouse Opera Theatre
 ??  ?? INHLOKO noMqondisi wezobuCiko weKZN/ Johannesbu­rg Philharmon­ic Orchestra uBongani Tembe
INHLOKO noMqondisi wezobuCiko weKZN/ Johannesbu­rg Philharmon­ic Orchestra uBongani Tembe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa