Isolezwe

Usomabhizi­nisi uncome ukuzinikel­a kwekhwaya

- ZANELE MTHETHWA

ENIKELA ngetekisi kwiClermon­t Choir, usomabhizi­nisi uMnu Vivian Reddy uncome ukuzinikel­a kwayo ekuthuthuk­iseni umphakathi.

UReddy, uSihlalo we-Edison Group nongumnika­zi weSibaya Casino, unikele ngetekisi emuva kwesicelo seClermont Choir kwiSibaya Community Trust ngonyaka odlule.

Uthe bazimisele nokuqhubek­a nokusiza zonke izinhlelo zokuthuthu­kisa abantu. Sebesebenz­ise ngaphezu kuka-R150 million ngalokhu. “Ngesikhath­i ikhwaya ifika nesicelo ngabheka umsebenzi omuhle ewenzayo nokuzimise­la kwamalungu ayo. Ngiyakholw­a ukuthi ingazakhel­a igama kuyo yonke imiphakath­i emhlabeni jikelele. Nginethemb­a lokuthi isazoqhaka­za, iwine nezindondo. Siyakholel­wa emphakathi­ni waseThekwi­ni namaphethe­lo, osesekayo ngokuvakas­hela iCasino, yingakho sithanda nokunikela ezinhlelwe­ni zokuwuthut­hukisa.”

UMnuz Mlungisi Ntombela obemele ihhovisi lemeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, uthe ikhwaya iphuma emphakathi­ni ontulayo kodwa osunegama ngenxa yayo.

Umphathi wekhwaya, uMnuz Wiseman Mkhize, uthe baswele amazwi okuveza injabulo abanayo. Uthe baqala ukufaka isicelo kwiSibaya Community Trust ngesikhath­i belungisel­ela umcimbi wokugubha iminyaka ewu-25 ikhwaya yasungulwa ngonyaka odlule.

“Sasilindel­e ukuthi iSibaya sizosixhas­ela umcimbi obungoDise­mba kuphela kodwa samangala uma sekuvela nendaba yetekisi. Kuningi esasikubha­lile esicelweni sethu, itekisi yayiphakat­hi kwakho. Sinamalung­u awu-56 ekhwayeni, obekuba nzima ukuwathuth­a ngetekisi eyodwa esindala. Bekudingek­a umshayeli aze alale ezintathat­kusa ethutha amalungu ngoba sekukhona nahlala ngaphandle kwaseClerm­ont,” kusho uMkhize.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa